INGASE ibhekane nengalo yomthetho inkosikazi kakaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uRachel, obhoke ngolaka kwi-video ku-Instagram esola owesifazane ngokuthumela umyeni wakhe isithombe sezinqe.
URachel ube sematheni ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwale-video abesongela kuyo abesifazane ‘abaziphonsa’ kumyeni wakhe, ethi izinsuku zamakhosikazi athulayo seziphelile.
Kwi-video ubecela abantu bamlekelele bamxhumanise nowesifazane, uMarike Botha, abemsola ngokuthumela uKolisi isithombe ku-Instagram.
“Ngifuna nazi ukuthi seziphelile izinsuku zokuthi abesifazane babhekane nodoti bathule bengenzi lutho,” usho kanje.
Isithombe esicasule uRachel Kolisi wenza ivideo ethi ufuna ukuxhunyaniswa nowesifazane okuso
Eziphendulela lo wesifazane ku-Instagram ngoLwesibili uveze ukuthi empeleni nguKolisi owashutha (screenshot) isithombe sakhe ku-instagram wabe esemthumela sona kwi-inbox yakhe emcela ukuthi abheke izimpahla zakhe zokugqoka zangaphansi ku @frankeesza, okuyinkampani yakhe.
FUNDA:
“USiya Kolisi nguye owangithumelela umyalezo kuqala, wangithumelela isithombe engasifaka ku-Instagram. Umkakhe ubona lokhu bese enza engathi yimi engamthumela isithombe sezinqe. Isithombe sikhona ku-Instagram wami! Ngiqale ngasisusa lesi sithombe, kodwa ngibuye ngacabanga ukuthi kungani kumele ngiziphathise okomuntu osephutheni. Bambisisa umyeni wakho. Angizami ukuzivikela kodwa nginenqwaba yabantu engithukayo engibiza ngesif$@3#$$, sizothini ngomyeni wakho okunguyena ongithumele umyalezo?” usho kanje.
I thought Rachel is still trending because she apologized to the lady. Chocolate addict posted that Siya is the one who slid into her DMs #RachelKolisi pic.twitter.com/jjyLxmFHoI
— MaMiya (@Unathi_jam) March 19, 2019
Imenenja kaMarike (23), ezibize ngoBenade, yazise iChannel24 ukuthi uma engaxolisi uRachel ngalolu daba uzothathelwa izinyathelo zomthetho. Uthe lo wesifazane akasakwazi ukunyakaza selokhe kusabalale ivideo kaRachel kanti nasezinkundleni zokuxhumana uyahlaselwa.