MHLELI: Ngiyabingelela mhleli ohloniphekileyo. Ngiyakhala ngezinguquko ezenziwe emsakazweni ebengiwukhonzile.
Ukudla abasiphakela khona abasakazi akukho mnandi ikakhulu uhlelo olungena ngo-12-3 nolungena 3-6.
USiya Mhlongo luyamhlula noma ezama ngamandla akhe kodwa akulungi uyabonakala ukuthi ugqiba lento yokuthi uke wathanda isonto uzama ngayo yonke indlela ukuthi abengumuntu wezwe nongakaze awungene umnyango wesonto ngenxa yokuzama ukujabulisa abantu.
NoSelby akasiphi lutho ngaphandle kokubanga umsindo estudio wena wabona izintombi ziqhumisa uhleko emfuleni.
Ayike lolu lwantambama lufile fi kungcono ukuba uMroza ungena yedwa uyabona ukuthi le nsizwa imsebenzisa kanzima kube
ngathi akanalo ikhono kanti likhulu inkinga ile nsizwa asebenza nayo.
Ufike umsakazo wawenza owomphakathi ungathi ulalele umsakazo omncane uze azikhuze umuzwe esethi iGagasi FM. Sicela Ukhozi FM abanye lubafake ebusuku silele ikakhulu uma befika njengayo nje le nsizwa iyalubandisa uhlelo.
Okokugcina thina Ukhozi FM sikhule silulalela abaphathi boKhozi asibazi asazi nokuthi bafika nini kusho ukuthi siphethwe abantu abangenawo umlando woKhozi FM yikho bebulala umsakazo.
Ukhozi FM lwagcina ukuba nomphathi ovuthiwe ngobaba uBhodloza Nzimande emuva kwalokho alukaze luphinde lulunge.
Pastor Goodman Nsele
Mtubatuba