MHLELI: Ngivumele ngincome uQhosha umfo kaSibisi. UQhosha (osesithombeni) ungomunye wabaculi abasebasha ngokweminyaka nangokuba khona endimeni yomculo kodwa okhula ngesivinini. Ngimazela ezingomeni zeBhova, uMgqumeni nasebuholini babalandeli bakaMgqumeni nakoSaziwayo.
Ngesikhathi eqala ukucula ngangimungabaza kodwa manje ngiyamvuma, uyinkinga kakhulu. Umfo kaMahlase ngimvunyswa wukuthi wonke amacwecwe akhe aba nengoma eshisa izikhotha ezifana neZiqhoma, Wamnamathela, Osozimali, Amavukane naMagquma Amabili. Uma enza i-albhamu ukushiya udelilie. Uyakwazi ukusebenzisa nabanye abaculi futhi uyazikhangisela umsebenzi wakhe.
Uyatholakala kuFacebook futhi uma ukhuluma umathanda ngaye uyaziphendulela akubeke endaweni yakho. Khuphuka kanjalo Qhosha.
Mvelo Sishi
eHammarsdale