KUYIHAMBELA kahle ifilimu iMatwetwe eqhubekayo nokugaya imali ngokubukwa kwayo.
Ifilimu, edidiyelwa nguBlack Coffee, iqale ukukhonjiswa emacinema ngoJanuwari 25.
Selokhu iqalile ukukhonjiswa likhulu isasasa ngayo elibonakala kubantu nosaziwayo abahlale befaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bayoyibuka.
Umdidiyeli wayo, uKagiso Lediga, uthe sebenze imali eningi ngayo.
“Sesidlulile kuR3 million #Matwetwe. Yinina enenze lokhu kwenzeke. Siyabonga ngokuthanda ifilimu yethu,” kusho uKagiso ekhasini lakhe leTwitter.
Kuthiwa ngezinsuku zayo zokuqala ezintathu iqale ukukhonjiswa yenza imali elinganiselwa kuR1 million.
Ifilimu iveza abafana ababili abangabangani uSibusiso “Lefa” Khwinana noTebatso “Papi” Mashishi. Sebeqede umatric kodwa abanayo imali yokuqhuba nezifundo enyuvesi.
Badayisa insangu ngoba befuna ukuqhubeka nemfundo. Izinto ziyashuba uma sekulahleka insangu kaR100 000.
Ekhuluma ohlelweni lukaMichelle Constant iJet Set Breakfast kuSA FM, uTebatso uthe kusho lukhulu kuye ukuba lapho ekhona ngoba lena yifilimu yakhe yokuqala. Uthe bekunzima ukuthola umsebenzi kodwa ifilimu isimgqamisile futhi unethemba lokuthu izomvulela iminyango kushintshe impilo yakhe.