INDLAMLENZE Development Foundation ehlela umcimbi osungulwe nguKhuzani Mpungose, i-#GcwalisaMabhida, ithi vele bekungeke kube kuhle ukuthi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, angabi bikho emcimbini.
Izolo kuvele izindaba zokuthi Igcokama Elisha lizohlanganyela nabaculi abazonandisa emcimbini ozoba ngomashi 30.
UMnuz Mthokozisi Zuma, osethimbeni elihlelayo, uthe kusuka ngonyaka odlule bebekhuluma nemenenja yeGcokama Elisha ukuthi abe sohlwini lwabaculi.
“Ngenxa yokuthi kwavela izindaba zokuthi uzoba nomcimbi ngosuku olufanayo, kwaba nokuthi ngeke abe khona. Kodwa ngemuva kokuhlehla kowakhe umcimbi sibe sesithola ucingo lokuthi izinkulumo sezingaqhubeka njengoba Igcokama ngalolu suku akusekho okungaluvimba ekungabini khona emcimbini,” kusho uZuma.
Uthe konke sebekukhulumile kusele okuncane okumele bakulungise.
Uthe lokhu nakanjani kuzojabulisa abalandeli bomculo kamaskandi ngoba Igcokama ngomunye wabaculi abanegama kulolu hlobo lomculo.
“Nabalandeli bakhe siyathemba bazojabula ukuzwa lezi zindaba. Lokhu kufana nokuqopheka komlando okwenzeka kucula esiteji esisodwa uNotorious BIG noTupac Shakur, uYvonne Chaka-Chaka noBrenda Fassie no-AKA noCassper Nyovest,” kusho uZuma.
Lithintwa Igcokama lithe lifisa sengathi umcimbi ungaphumelela. Kodwa lathi belingakathintwa mayelana nokuhlanganyela emcimbini.
“Kungenzeka ukuthi bakhuluma nemenenja yami kodwa kimi bekungakafiki lutho. Ngiyazi abalandeli bami bayafuna ngibe khona emcimbini kodwa cha bengingakatholi lutho,” kusho Igcokama.
UZuma uthe abakhulumi neGcokama kodwa bakhuluma nemenenja yakhe okuyiyona abavumelana nayo ngezinto ezilithintayo.
Isolezwe lenze konke ukuthola imenenja yeGcokama kodwa ucingo layo belukhala lungabanjwa.
FUNDA: Uza kabi umcimbi waseMabhida
Ukugcizelele ukuthi abaculi bakamaskandi nabalandeli babo bangaba yimbumba ngenxa yomculo abawenzayo.
Bazoshiyelana inkundla nabaculi okukhona kubo uShwi NoMntekhala, Ingane Zoma, Dlubheke, Imthente, Amageza Amahle, Benny Mayengane nabanye.
Amathikith omcimbi asatholakala eComputicket naseShoprite Checkers kusuka kuR100, R250 kuya phezulu.
Isolezwe linamathikithi omcimbi elizowanika abafundi bawo kusukela namhlanje. Bheka ekhasini 17.