LWENGEZIWE uhla lwabaculi abazonandisa emcimbini i-#GcwalisaiMabhida ozobe usenkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMashi 30.
Kufakwe umculi weXiTsonga uBenny “President” Mayengani owake waba sematheni ngombango wegama elithi #FillUp, umrepha uCassper Nyovest athi elakhe.
UMayengani wenza umcimbi lapho agcwalisa khona inkundla iGiyani Stadium eLimpopo. Umsindo wegama wasuka esethi uzokwenza umcimbi iFill Up Peter Mokaba Stadium ozoba ngo-Ephreli 20.
UMthokozisi Zuma, ongomunye wabahleli be-#GcwalisaiMabhida eyenziwa wumaskanda uKhuzani, uthe bakubone kubalulekile ukufaka lo mculi.
“Umcimbi yingqophamlando, hhayi kamaskandi kuphela kodwa nezinye izinhlobo ezithi azihambelane nalo wethu. UBenny wenza umculo engingathi “wumaskandi waseLimpopo” ngakho namaTsonga angapha azokwazi ukuthi kukhona umuntu ozokhuluma ulimi lwabo,” kusho uMthokozisi.
Udalule ukuthi basekhona nabanye abasaxoxisana nabo ngenhloso yokuthi babe kulo mcimbi. Uthe bazobadalula ngokuhamba kwesikhathi.
Abanye babaculi osekuqinisekisiwe ukuthi bazoba kulo mcimbi nguKhuzani, Ihhashi Elimhlophe, Mfiliseni Magubane, Shwi noMtekhala, Phuzekhemisi, Dlubheke, Thokozani Langa, Imithente nabanye abaningi kanti bangu-70 sebebonke.
UMthokozisi uthe beneme nangendlela amathikithi athengwa ngayo njengoba eqala kuR100 eComputicket naseShoprite/Checkers. “Sithe abantu abathenge bese beshutha befaka ezinkundleni zokuxhumana. Siyabona ukhona umnyakazo owenzekayo kodwa ngeke sikwazi ukusho isibalo ngoba asikabheki kulabo abasidayiselayo.”
Uthe bayaqala namhlanje bahambela izindawo ezahlukene beyonxenxa abantu ukuthi batheleke kulo mcimbi wabo. Bazobe behamba nabaculi abahlukene futhi bewinisa ngamathikithi.
Namhlanje kusuka ngo-1 emini bazoya emarenki amatekisi eThekwini eSoldiers Way, eNanda Rank, eDurban Station nasematekisini aya e-Eastern Cape. Kusasa bahambela amahostela eKK, KwaMashu, eWema, e-017 naseJacobs.
Basazohambela nezinye izindawo okubalwa kuzo eShowe, Richards Bay, eMzimkhulu, eNkandla, East London, eNquthu, Bergville nakwezinye.