UMPHATHI weGagasi FM, uVukile Zondi, uthe ingqinamba asebebhekene nayo njengesiteshi wukushintsha izinombolo abanazo zabalaleli bazenze zingeniso inzuzo.
UZondi ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi iGagasi FM livula ngokusemthethweni izindlu zalo ezintsha zomsakazo ezisenxanxatheleni yezitolo iCornubia Mall.
Phambilini lo msakazo ubusakazela eMhlanga njengoba usuthuthele kule ndawo nje.
UZondi, osebe kwiGagasi iminyaka eyisikhombisa, uthe umsakazo unabalaleli
abangu-1 654 000 nokubenza bahambe phambili kuleli ngabalaleli uma kukhulunywa ngeziteshi zezifunda ezenza inzuzo.
Uthe manje bafuna ukusebenzisa lezi zibalo zabalaleli babe phambili futhi nasekwenzeni inzuzo yize benza kahle.
Ngaphandle kokuvula izindlu ezintsha, baphinde bethula ne-logo entsha kanjalo nezinhlaka ezintsha ezihlanganisa iGagasi Events okuwuphiko lwabo oluzohlela imicimbi.
Umcimbi ozayo kuzoba yiGagasi FM Beach Festival ozoba seBay of Plenty, eThekwini, ngoDisemba 1.
Uhla lwabaculi abazonandisa khona alukadalulwa.
Ezindlini ezintsha zeGagasi ngeke kugcine kuphela ngokusakazwa njengoba kunendawo yokulalela umculo omusha wabaculi neyokubamba izingxoxo nemicimbi.
Ngesikhathi ivulwa bekukhona izimenywa ezahlukene okubalwa kuzo osopolitiki: umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango, Mnuz Mike Mabuyakhulu we-ANC nabanye.
Bekunandisa uDJ Sphectacula noNaves, Mzokoloko, DJ Vumar nabanye.