NJENGOBA kubhekwe ingoma ezohlukanisa unyaka kusasa, kuvela ukuthi ingoma ehamba phambilini kuKhozi FM nakuThobela FM ekaPrince Kaybee epike uBusiswa ethi Banomoya.
Le ngoma ihamba phambili kulezi ziteshi zombili njengoba kuyizona ezibambe iqhaza kwiSABC Summer Song of the Year.
Lokhu kuqinisekiswe wu-Owen Ndlovu ongumgqugquzeli walo mqhudelwano weSummer Song of the Year.
Uthe ingoma kaPrince Kaybee noBusiswa iyaqengqeleza ngamavoti.
Ngesikhathi sokuloba uNdlovu uveze ukuthi elele isibili ingoma kaKing Monada ethi Malwedhe bese isithathu kube wuMaster KG ngethi Skeleton Move.
UNdlovu uveze ukuthi uMonada usele emuva ngamavoti angu-10 000 kuPrince Kaybee obukeka ezidlela amahlanga.
“UPrince Kaybee uhamba phambili kuKhozi FM nakuThobela. Umculi ozonqoba kuKhozi FM uzothola uR10 000 nozonqoba kuThobela uzothola uR10 000. Uma enqobe kuyo yomibili imisakazo uzothola R20 000 nemoto iKia Picanto 1 litre. Bese umculi owine kuyo yomibili imisakazo athole uR100 000. Umlaleli woKhozi FM noweThobela FM bazothola izimoto ezimbili iKia Picanto 1 litre,” kusho uNdlovu.
Uthe njengoba kungunyaka wesithathu yenziwa iSummer Song of the Year, iyagcina kulo nyaka.
UNdlovu uthe ukuvotela iSummer Song kuvalwa kusasa ngo-12 emini.
ITop 10 yoKhozi FM imi kanje:
-Prince Kaybee noBusiswa (Banomoya), -King Monada (Malwendhe), -Master KG (Skeleton Move), -Manqonqo, Dason noSoviour Gee (Eyadini), -Vusi Nova noJessica Mbangeni (Asiphelelanga), -Abathandwa (Ehhe Moya Wami), -Dladla Mshunqisi noProfessor (Amalukuluku), -DJ Westa, Biggie noFunky Qla (Obaleka), -Mlindos Kwesta, Thabsie noSfeesoh (Macala), -Malumz on Decks, Gino Brown noMr Vince (Shay’inumber).
Njengoba ingoma ethi Banomoya ihamba phambili, uma kwenzeka ihlukanisa unyaka ungayicula uma isidlala. Izinhlamvu zayo zithi:
Kuthi huu (x10)
Hhe hheyi
Kuthi huu (x10)
Hhe hhe hheyi
Zonk’ ezam xaz’buy’ uzoz’bona
Banomoya
Xa be dlula (Kuthi huuu)
Uzokholwa
Bayaz’thengela neChampagne
Bazoz’khuphela nelobola
Ungazobhora
Banomoya
Ungazobhora
Banomoya
Xa bedlula (Kuthi huuu)
Uzokholwa
Bayaz’thengela neChampagne
Bazoz’khuphela nelobola
Hheyi
Ungabhud’ uthi “nas’ iSlay Queen”
Ngendlel’ asestylini ngayo uchomam
Ungad’ ucing’ba’ uyayincumel’ imali
Uzombamba
Kanti kungaphela le party
Uyahamba
Engawinwanga
Hheyi
Ndililahle
ungumlilo
Sichisa konke esendleleni yethu
Ndilirhaki
Nawe ulilo
Wonke umuntu uyaybona lento
Ey thina sithi, thina sithi
Sohamba ekseni
Ey thina sithi, thina sithi
sogroover ekseni phindu
Sifakele leyongoma
Sifakele leyongoma