UMCULI wekwaito uMampintsha uthi inkampani yakhe isizokwamukela nabaculi abenza ezinye izinhlobo zomculo.
UMampintsha, ongumnikazi weWest Ink Records, uthe ngeke esagxila kwikwaito nakwigqom kuphela. I-West Ink igqame kakhulu ngomculo kaBabes Wodumo nowakhe uMampintsha.
“Ngifuna ukukhulisa inkampani manje ingagxili kumuntu oyedwa. Abaculi bakamaskandi, hip hop nabenza umculo wokholo ngizobathatha. Ama-demo ngihlale ngiwathola njalo futhi ngiyawalalela. Ngifuna bonke laba abaziwayo ukuthi benza into eseqophelweni eliphezulu ngasemakubo kodwa abashoda ngekhaya lokuqopha,” kusho uMampintsha.
Uthe kulo nyaka umfutho wakhe wonke uwufake emsebenzini.
“Izimpi nomazondana angisebenzi ngakho. Ngixolele wonke umuntu ongonile futhi nami ngiyaxolisa kwengabona. Angisho lutho olunye, manje umsebenzi okumele ukhulume,” usho kanje.
NgoDisemba ukhiphe i-Extended Play, iThe Gentle Don, enezingoma ezinhlanu. Phakathi kwazo kukhona eyayingapheli ezindaweni zobumnandi iMpokompoko.
“Kade ngishutha i-video yePhakamisa engizoyikhipha ekupheleni kwenyanga. Ngizoshutha eyeSavana manje eKapa ngoba ngisebenze nabafana bakhona oMr Thela, Aux noBiza Wethu. Futhi kukhona engizenze neCamp Masters neLaSoul Mates. Ngifuna ukuphusha yona bese ngiyezwa ukuthi abantu bathini, bayayifuna yini i-albhamu ephelele ngoba ngasho ngathi sengiyayeka. Uma beyifuna ngizoyikhipha ngoDisemba. NeyeCamp Masters nayo iyeza,” kusho uMampintsha.
Uveze ukuthi usebuyele ekuhleleni imicimbi futhi owokuqala uzowenza eKapa ngoMashi 2.
“Ngisazosebenza kakhulu ngaphandle ngoba lapha ekhaya kunomona omningi, uma wenza izinto khona abafuna ukuyiphazamisa. Kungcono ngizenzele ngaphandle ngoba uma ngikhuluma kuzothiwa ‘nango-ke uMampintsha’. Uma ngisuka eKapa ngiya e-East London. Kungcono khona abantu bakhona bayesekana,” kuchaza uMampintsha.