EZOTHANDO
Umbuzo
: Unkosikazi wami usebenza kanzima nangokukhulu ukuzimisela. Kuyinto engiyithandayo futhi engimsekayo kuyo kakhulu. Usanda kuthola umsebenzi omkhulu nozomenza asebenzele ngaphandle kwasekhaya. Bengingenayo nencane inkinga ngaphambi kokuthola ukuthi kulo msebenzi uzosebenzisana nowesilisa ake wathandana naye kudala. Ngizizwa ngingakhululekile noma ngazi ukuthi ngiyamethemba unkosikazi wami.
Ngabe nginaso isizathu sokukhathazeka?
Siyanda Ndlovu, eSouth Coast
Impendulo
: Unenhlanhla unkosikazi wakho ukuba nomyeni omeseka njengawe. Lesi isikhathi la kumele ukhombise ukuthi umethemba kangakanani unkosikazi wakho. Sinesiqiniseko sokuthi bahlukana ngezizathu ezithize ngakho ukusebenza ndawonye ngeke kushintshe lutho. Mtshele unkosikazi wakho ukuthi uyamthanda futhi uyamethemba ngakho ngeke uyinake indaba yokuthi wake wathandana nalo wesilisa azosebenza naye kulo msebenzi azowuqala. Ngendlela osho ngayo, nibukeka sengathi nihlezi kahle nonkosikazi wakho ngakho asikho isidingo sokuthi uzikhathaze ngalomunye umuntu wesilisa. Mkhiphe nje emshadweni wenu wena uqhubeke nokuthanda nokuseka unkosikazi wakho.
Umbuzo
: Umyeni wami unabangani besifazane abangayazi indawo yabo. Baphuma bengena emzini wethu baze bamthinte ngocingo ngisho ebusuku. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi yena akayiboni nencane inkinga kwindlela abenza ngayo laba bangani. Ngiyazi angiyena umuntu wesifazane onesikhwele uma kuza kumyeni wami. Okucacisa ngokusobala ukuthi indlela abenza ngayo isidlulele. Ngizibona sengilwela indawo yami kumyeni wami, into ekungamelanga ngiyenze njengonkosikazi.
Ngenzenjani ukuze umyeni wami abone ukuthi angiyithandi ngempela indlela laba bangani bakhe abenza ngayo?
Igama ligodliwe
Impendulo
:
Akukho wena ekumele ukwenze ngoba awubazi abangani bakhe besifazane ngaphambilini, uhlangane nabo ngomyeni wakho. Kubalulekile ukuthi nawe ukhululeke uma unabangani bakhe ngoba nonke nidlala indima ehlukile empilweni yomyeni wakho ngakho akumele kube sengathi niyambanga. Wena ungunkosikazi futhi ngeke kushintshe lokho, bona bangabangani. Njengonkosikazi wakhe kumele bakunike indawo yakho abangani. Uma kungukuthi awukuthandi ukuthi bamshayele ucingo ebusuku kuzomele umyeni wakho kube nguye obatshelayo. Asisho ukuthi umyeni wakho akalahle abangani bakhe kodwa kuhle nithole indlela yokuthi niphilisane ndawonye.
Umyeni wakho kuzomele ayithathele phezulu lento ngoba asikho ngempela isidingo sokuthi uzibone uqophisana nabangani bakhe mekuza kuyena. Kuyinto engagcina ingena phakathi kwenu mangabe engayisukumeli umyeni wakho.
Umbuzo
:
Isoka lami lidlule emhlabeni eminyakeni emibili edlule. Kungithathe eside isikhathi ukuphinda ngikwazi ukuthanda omunye umuntu wesilisa. Ngibe nenhlanhla yokuhlangana nomuntu ongithandayo nabantwana bami ababili.
Inkinga manje usefuna sishade engingazi ukuthi ngijabule noma ngidinwe ngoba ngiyasijabulela kakhulu isikhathi sami ngingedwa noma nabangani. Manje angazi ukuthi ngizokwazi yini ukuqhubeka nempilo yami emva komshado. Ngibona sengathi kusekusha kakhulu, nami ngisathanda inkululeko yami. Manje sekumele ngiqale phansi ngibe nomuntu ekumele ngicele kuyena mangifuna ukushaywa umoya. Angazi noma ngikulungele yini loko.
Khanya, Inanda
Impendul
o: Siyakubongela ngokuhlangana nomuntu omthandayo nofuna ukukushada. Vele emva kokuba ndawonye isikhathi eside, wenza noma yini oyithandayo, kuzoba nzima ukujwayela ukuba khona komuntu futhi empilweni yakho. Sinesiqiniseko ukuthi isoka lakho ngeke libe nencane inkinga uma nithatha izonto kancane uze ujwayele ukuba naye ngoba nakho lokho kuzokuthatha isikhathi. Khona impilo izoshintsha ngoba umyeni wakho omusha nguye ozohamba phambili empilweni yakho ukudlula abangani ngakho kuzomele ungene ukwazi lokho. Kodwa ningavumelana ngokuthi ube nezikhathi enizovumelana ngazo lapho kuzomele uvakashele abangani nabo futhi bajwayele nokuza ekhaya lenu ukuze nomyeni wakho abazi futhi abone ukuthi abayona inkinga emshadweni wenu.
Ningaxoxisana nomyeni wakho ukuze nivumelane ngokuthi nizokwenza kanjani ukuthi isikhathi sabangani singadli isikhathi sakhe ngoba kuzobaluleka ukuthi umyeni wakho angaziboni enganandawo kulo mshado wenu. Sikufisela okuhle kodwa.