INTOKAZI esizakhele udumo e-Afrika ngokudansa ingadilozile, uZodwa Libram, ithi ukungena kwipolitiki akuzoyishintsha indlela ephila ngayo.
"Akukho okuzoguquka nge-brand yami nomsebenzi wami. NgisengoWabantu."
UZodwa (38) useyilungu leqembu likaRoy Moodley, i-African Movement Congress, elandela umlingisi owayenguTshawe kuMuzi Wezinsizwa, uVusi Thanda.
Uthe ipolitiki akusiyo into efanele ukuzitshwa ngoba iyasithinta sonke.
"Ngakho ngathatha isinqumo sokuthi ngingahlali, ngisonge izandla. Ngathi angiphumele obala ngezinselelo engibhekene nazo kanye nabantu baseNingizimu Afrika. Yingakho ngigcine ngijoyine i-AMC. Ngingenele ukuba nezwi nokuthola izixazululo ezinkingeni zakule lizwe."
Ebuzwa yiSolezwe Ngempelasonto ukuthi yini engalindelwa kuye njengoba esengusopolitiki, uZodwa uthe abantu abalindele ukumbona esebenza ngokuzikhandla ukubuyisela iNingizimu Afrika esikhathini esimnandi futhi.
"Ngizosiza ngokusebenzisa udumo lwami ukwenza ngcono impilo yabantu."
Uthe inhloso yakhe ukuhambela izindawo ebezinganakiwe emagunjini akule lizwe ngenhloso yokuqeda ububha nokubandlululana ngokobuhlanga.
Uthe wayengakaze waziphupha engusopolitiki kodwa isimo sakule lizwe nenhlupheko yabantu yikho okumenze wasukuma phansi, wangena emzabalazweni.
Unxuse bonke abantu abafuna uguquko ukuba babambisane naye ukululetha.
Uthe abantu bawazamile amaqembu kodwa ahluleka ukuguqula impilo yabo.
Eqhuba uthe uzoqinisekisa ukuthi i-AMC ayibenzele phansi abantu abayivotele. UZodwa yintokazi esanda kuphumela obala ngokukhipha izisu ezingu-11 nethi ayinqeni ukulala nendoda uma iqashiwe.