OBELINGISA indawo kaMiss Madikizela emdlalweni wethelevishini osanda kuqedwa iGomora, uZinzi Manteyi Nsele, ungomunye wabalingisi abasha abazobonakala ngesizini yesibili yeGqeberha The Empire.
UZinzi (42) waseMbizana, e-Eastern Cape, yile ntokazi ebingunina wezingane zikaBongani futhi imhlukumeza ebudlelwaneni bakhe obusha. Uthe ukujabulele kakhulu ukuzodlala indawo kaVuyokazi, ubabekazi kaStokkie.
“Kusho ukuthi kuzofanele ngisebenze kanzima ngoba yindawo enzima impela, ngizimisele ukuzodlisa ngamapayipi umndeni wakwaMxenge. Ngiyayithakasela kakhulu le ndawo ngoba eyomuntu ongenalo uvalo, nononya.”
Ngendawo ayilingisayo, uthe uyiphoyisa elingawubambi umshini futhi elingancethezi kodwa elithanjiswa yindodana nendodakazi yalo kuphela. Eqhuba uZinzi, uthe okufanayo phakathi kwakhe noVuyokazi ukuthi bangamaMpondo.
“Empeleni ngiyiMpondo futhi uma ngisekhaya ngikhuluma isiMpondo nezingane zami. Okunye, uZinzi unendodakazi ayivikela kakhulu, kanjalo noVuyokazi unendodakazi ayivikela kakhulu.”
Uthe usekujahe kabi ukuba abantu babone isizini yesibili futhi uyethemba bazoyijabulela.
Uzobe eyiphoyisa elibhekene nokuphenya kabanzi ngokubandakanyeka komndeni wakwaMxenge ebugebengwini, nokuzama ukuqeda ngombuso walo mndeni.
Kulo mdlalo, uZinzi uzojoyinwa nguzakwabo uRorisang Mohapi, ozobe elingisa indawo kaLulama, oyindodakazi kaVuyokazi. ULulama uzoqhamuka nezindlela zakhe zokukhohlakala futhi uzozifela ngoThulani, okuzokwenza kushube kakhulu kulo mdlalo.
UShirley Adonis, ongumqondisi wakwaM-Net ophikweni lweziteshi ezikhombisa ngezinhlelo zobumnandi ezikhiqizwe kuleli, uthe abantu abalindele ukuhlahla amehlo ngoba laba balingisi bazoshubisa ngempela.
Uthe njengoba ingasakhulunywa indaba kaLuzuko, amehlo ezibukeli azobe esethe njo kuHlumelo, osebambe izintambo emndenini wakwaMxenge.
Eqhuba, uthe abantu bazohlale begqolozele amathelevishini ngenxa yendlela azophatha ngayo umndeni namabhizinisi akubo.
"Abalingisi abasha bazofike bazakhele ugazi ezibukelini njengoba bezonyakazisa kwasani. Sizijabulele kakhulu izibukeli zoMzansi Magic ngokuthola ithuba lesibili leGqeberha The Empire."
Uthe oZinzi noRorisang bazoqhamuka nokuhlukile nokuzoheha izibukeli ngenye indlela.
* IGqeberha The Empire ikhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku.