UMLINGISI ongumakadebona, uNonkosi Frances Ndlazilwana, uzofihlwa ngoMgqibelo, emuva kwenkonzo yokumphelezela ezokuba sebandleni i-Apostolic Gospel Church International (AGCI), eDaveyton, Ekurhuleni, kusukela ngo-8 ekuseni.
Lezi zindaba ziqinisekiswe wumzukulu kaNonkosi, uMbulelo Katise ekhasini lakhe likaFacebook.
UNonkosi (89) owaduma kakhulu ngendawo kaMama Ephi kwi-Intersexions nekaLydia Maema kwi-After 9, udlule emhlabeni ekwakhe, eDaveyton, ngoLwesithathu, olwedlule ngezithuba zabo-8 ebusuku.
Phakathi kwabalingisi abalingise noNonkosi kwi-After 9, kubalwa u-Aubrey Pool, othe uchaze umufi njengomunye wamavulandlela emkhakheni wokulingisa acaba indlela ebheke kwinkululeko.
U-Aaron Molois uthe kwabayisibusiso ukulingisa kwi-After 9 noNonkosi ngoba wakwazi ukuncela embeleni ogwansile njengoba ayeqala ngqa ukwenza lo msebenzi.
UMbulelo uthe kufana nokuwa komuthi omkhulu ukushona kukagogo wakhe.
"Silahlekelwe yingqalabutho, insika uFrances Ndlazilwana, ebengimbiza ngogo ekubeni abanye bembiza ngomama."
Eqhuba, uMbulelo uthe iqhaza likaNonkosi emkhakheni wezokungcebeleka alilinganiseki nelamuntu ngoba uvumbulule futhi wathuthukisa inqwaba yamakhono.
Uthe ugogo wakhe owavumbulula ikhono lakhe lokulingisa leli eselimakhele udumo ezweni, kusukela emncane.
UNonkosi wazalelwa e-Eastern Cape, kodwa wagcina esefudukele KwaNdongaziyaduma ngenxa yomsebenzi.
Emidlalweni alingise kuyo kubalwa ne-A4Play: Sex Tips for Girls, Erfsonders, Diamonds, Scandal, Ashes To Ashes, Gaz'lam, Home Affairs, Isidingo, Loxion Lyric, Ngempela, Skeem Saam, The Mayor nakwiYizo Yizo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi amalungiselelo okumfihla nawenkonzo yesikhumbuzo ahamba kanjani.