YIZE umlingisi wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, ethi kungamampunge ukuthi usefuna ukubuyela kuleli ngenxa yokukhungathwa yinkemane eDubai, kodwa imithombo nezinkomba kuveza ukuthi usedla imbuya ngothi.
UTebogo, ozakhele udumo ngokulingisa indawo kaBelinda, uphendule imibiko yeminye imithombo yezindaba ethe usecabanga ukubuyela eNingizimu Afrika ngoba akasakwazi ukumelana nempilo emba eqolo yaseDubai.
Uthe nakuba zikhona izimo ezinzima abhekene nazo kodwa ubengakacabangi ukubuyela kuleli.
UTebogo uzithola esehlupheka eDubai nje, waphoqeleka ukuba athathe imithwadlana yakhe alibhekise kulelizwe emuva kokusinda kokulambisa edutshulwa ephuma emcimbini eMorningside, eGoli, nyakenye.
Wathi uthathe isinqumo sokuyogoba amadlangala eDubai ngoba esehamba ethuka izanya kuleli.
Ngokusho kwemithombo esondelene naye, impilo ayisemnandi njengoba ayecabanga ngenxa yokuthi izinto eziningi zimba eqolo.
Naye usanda kubhala ezinkundleni zokuxhumana, yize ebuye wawucisha lowo mbhalo ukuthi kune-burger kaR300. Nakuba kunjalo kodwa yena uthi imithombo yezindaba esinehaba.
"Impilo yami imapeketwane futhi usizi lwami seluphenduke isinkwa semihla ngemihla. Angikaze ngaveza ukuthi ngiyashiya lapha. Lamanga kumele ayekwe. Emuva kobuhlungu engidlule kubo, nginelungelo lokubupholisa. Kunokuba kudingidwe ngami, asidingide ngezinkinga ezibhekene nezwe lethu, lapho abantu besifazane bebulawa mihla namalanga. Kodwa uma nginenkinga yemali, iminikelo yamukelekile.
Kuvela lezi zindaba nje, ngo-2022 kwake kwavela i-video yentokazi engunontandakubukwa eyayiveza ukuthi beyikhokhelwa u$50 (R932.86 ) ngokudla uthuvi wesiqumama saseDubai. Kwathiwa umkhuba osuvamisile ezintokazini ezidabuka emazweni asentshonalanga ye-Afrika ukudliswa uthuvi noma aphuziswe umchamo, okanye amunce izinyoka, enziswa yiziqumama ezingama-Arab. Kunentokazi yase-Uganda okwaze kwavela ukuthi izibulele ngoba beyingasakwazi ukumelana nale mpilo.
*Olunye ulwazi lucashunwe kwi-IOL nakwi-sarichandfamous.com