UKUDLULA emhlabeni komlingisi, uMpho Sebeng kushiye uzakwabo onguPuseletso kwiMy Brother's Keeper, uRosemary Zimu nesilonda esisekude ukuphola enhliziyweni yakhe.
UMpho (30) ushone engozini yemoto emehlele ebuya eNorth West, elibangise eGoli ngeSonto.
Ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaMpho ebiseJoburg Theatre eGoli, uRosemary uthe uyazisola ngokungamtsheli umufi ukuthi naye uyamthanda.
Uthe ukhumbula kahle beqala ukubonana endaweni yokudlela ababelethwe kuyo wuNatasha (Thahane).
"Ngalolo suku sachitha isikhathi sikhuluma ngokuthi sithandana kangakanani nokuthi siwuthanda kanjani umsebenzi. Nokuthi ngelinye ilanga siyosebenza ndawonye. Wathi kusezinhlelweni zikaNkukunkulu," kusho uRosemary.
Uthe ngesikhathi esehamba, uMpho wamtshela ukuthi uyamthanda.
"Ngathi mina 'hhayi bo bhuti, siqala ukuhlangana nje.' Ngamamatheka ngenhlonipho, maqede ngamshiya kanjalo," esho.
Uthe wacabanga ukuthi wuthando lukaNkulunkulu lokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.
Uqhubeke ngokuthi wabona ngosuku abahlangana ngalo okokuqala noMpho ukuthi uyohlale esempilweni yakhe ingunaphakade.
"Ngicabanga ukuthi ngokungakutsheli ukuthi nami ngiyakuthanda ngaloluya suku, ngikuthanda zinsuku zonke kwaba yiphutha.
“Ngiyakutshela manje. Ngiyabonga ntwana ngokungithanda nangakho konke ongifundise khona.
"Ngibonga uNkulunkulu ngokulingisa ndawonye efilimini iSavage Beauty ngoba sakwazi ukukhombisana lolo thando kwiTV. Ntwana sashutha isiqephu lapho wawungishiya, wangithembisa wathi awusoze wangishiya kanje.
“Wathi siyophila size sifinyelele eminyakeni ewu-90, sidanse ndawonye futhi siwine izindondo kuma-Oscar," esho elokhu evukwa yisibibithwane.
Uthe ukhumbula indlela ebebangana futhi beqabulana ngayo eziphongweni.
“Ngizizwa sengathi ngiwumntwana oneminyaka emihlanu futhi ngiyakuthanda lokho...Ntwana ngikuthanda ngempela. Ngiyacela ungigcinele leyo ndawo esasikhuluma ngayo.
“Ngiyazi kwakufanele. Ngiyakuthanda futhi ngiqinisile," eqhubeka ebibitheka nezinyembezi zizehlela.
URosemary ubeshiyelana inkundla nozakwabo abanjengoKagiso Modupe, Motlatsi Mafatshe nabanye.
UMpho ulingise kwiRing of Lies, The Throne, Zero Tolerance, Soul Buddz, Z'bondiwe, The Jake's Are Missing, Bay of Plenty, Khandakhulu, Scandal, Winnie neBritbox.
Waqokwa kwiBest Supporting Actor kuma-Africa Magic Viewers' Choice Awards ngo-2017 nasemnxeni weBest Male Actor nakumaSouth African Film and Television Awards.
Umufi ufihlwe ngoMgqibelo emuva kwenkonzo yomngcwabo ezokuba eRhema Bible Church, eRandburg kusukela ngo-9 ekuseni.