IVULANDLELA kwezemidlalo yethelevishini uSthandiwe Kgoroge, lithi licela abantu bangalehluleli ngendawo kaThuli Yiza eliyilingisayo efilimini entsha, iDeath of the Whistleblower.
Lokhu uthe kungenxa yokuthi uyaqala ukudlala indawo yomuntu wesifazane onenhliziyo elikhuni ngale ndlela futhi akukho nokukodwa afana ngakho nomlingiswa.
“Ngijwayele ukudlala indawo yokuba ngumama nje ojwayelekile emidlalweni eminingi. Kulokhu ngithole indawo ehluke kakhulu nebengingakaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngingayilingisa. Nangesikhathi ngaziswa emva kwenhlolokhono ukuthi ngizodlala le ndawo, abaqondisi abangichazelanga ngayo, ngibone sengifika khona. Ngiyazi uma uke wadlala indawo engajwayelekile igcina isikulandela abantu bakubone njengalowo muntu,” kuchaza uSthandiwe.
Indikimba yefilimu isuselwe ekubulaweni kwabantu abasuke behlaba umkhosi ngenkohlakalo esuke yenzeka eminyangweni ehlukene. Kuleli sonto ibikhonjiswa kwiJorburg Film Festival, kanti isanda kufakwa nakwi-Amazon Prime.
Exoxa ngempilo yakhe uSthandiwe uthe umsebenzi asegxile kuwona kakhulu ukubhala imidlalo yethelevishini namafilimu.
“Uma ngingabonakali ngilingisa ngisuke ngimatasa nokubhala yona imidlalo. Ngimatasa nokuhlanganisa imidlalo engifuna ikhishwe yimina qobo. Kukhona nomunye abantu abazokwazi ngawo ngokuhamba kwesikhathi, lapho engizobe ngidlala kuwona nomyeni wami uKgoroge (Tony Kgoroge). Kuzobe kungokokuqala sidlala indawo ephambili ndawonye,” usho kanje.
Ezinye izinto azenzayo wukuthuthukisa omama abakha izinto zobuciko njengezinkamba. Uthe ulekelela omama basemakhaya ngokuthi asabalalise imisebenzi yabo iyodayiswa nakwezinye izifundazwe.
Le nkakha yomlingisi isike yalingisa emidlalweni eminingi, okubalwa kuyona i-90 Plein Street, End Game, Fallen, Generations, Heartlines, Impilo: The Scam, Intersexions, Isidingo, MTV Shuga, Redemption, Shaka iLembe, Yizo Yizo, The Road, Umkhokha , neminye eminingi.