NJENGOBA abalingisi abaningi bakuleli bephuma bengena emidlalweni yethelevishini, umlingisi odabuka eMpangeni, uJessica Nkosi, akabonwa nangokhalo.
Sekunesikhathi eside lo mlingisi, wodumo lukaThando kwiThe Queen noQondisile kwiSibaya, enyamalele kwithelevishini. Umdlalo agcine ukubonakala kuwo ngobusihloko sithi Lavish.
UJessica (34) utshele iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe Ngempelasonto, i-IOL Entertainment, ukuthi usekude ukubonakala kwithelevishini.
"Mhlawumbe ngingaze ngibonakale ngonyaka ozayo."
Yize uJessica esahlabe ikhefu ekulingiseni kodwa uthe usenethemba lokudlondlobala kulo mkhakha nokukhombisa elinye ikhono lakhe.
Uthe akazimisele ukulingisa izindawo ezifana naseke wazidlala.
EnguQondisile kwiSibaya wayeyintokazi ezilungele kanti esenguThando wayengowesifazane onenhliziyo embi futhi engushayasibhamu.
"Manje sengifuna indawo ehlukile, okungaba uhobo noma yintokazi ethandana nabanobulili obufana nobayo. Ngifuna ukuziphusha ekulingiseni ngendlela ehlakaniphile."
Ngaphandle kwalokho, uJessica uthe kulo nyaka usagxile ekukhuliseni igama lakhe futhi nemiphumela iyabonakala njengoba esanda kumenyezelwa njengenxusa leBepanthen Derma okuwumkhiqizo wophiko lweBayer South Africa Consumer Health.
"Nanoma iyiphi inkampani engisebenza kuyo njengenxusa, angifuni ukusebenzisana nayo inyanga kuphela kodwa ngifuna ubudlelwano bethu buhambe ibanga elide. Ngisayina isivumelwano esizoba yisikhathi eside," kusho leli nxusa leVolvo South Africa.
"Ngifuna ubudlelwano besikhathi eside nokwethembeka nokuthi kube yinto enkulu kimi," kusho lo mlingisi ongakwesabi ukunqaba isivumelwano esingahambisani nendlela ayiphilayo.
"Angikwazi ukunxenxa abantu ukuba bakholelwe entweni nami uqobo engingakholelwa kuyo," kuphetha uJessica oshade nozakwabo, uNtokozo "TK" Dlamini (33), owayenguMastermind Maphumulo kuZalo futhi babusiswe ngezingane ezimbili.