UGQEMEKE udume lwengozi umlingisi womdlalo Uzalo, uCebolenkosi ‘Mr Vibe’ Mthembu, ngemva kokubhuntshiswa kwezinhlelo zakhe zokugijima.
UCebolenkosi, olingisa indao kaCaptain Nyawo emdlalweni Uzalo, muva nje uyalelwa ngodokotela ukuba ahoxe emijahweni, okubalwa neComrades Marathon ngenxa yokulimala angakuqondi.
UMr Vibe, ogijimela iManguzi Athletic Club, uthe okumphatha kabi kakhulu wukuthi ubesezilungiselele ngokwanele ukuthi ajoyine iComrades Marathon futhi eseyigijime yonke imijaho ekwenza ukwazi ukungenela loka-97km.
Echaza uMr Vibe uthe uqale ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi eqakaleni ngesikhathi ezwa kunokungahambi kahle kulo ngesikhathi ezilolonga ngoDisemba 31, nyakenye.
"Ngaqala ngazitshela ukuthi mhlawumbe kwenziwa ukuthi isenyelo engisithole njengoba bekungamaholidi. Ngathi ukuma ekuzilolongeni. Ngithe sengibuyela kukho ngoJanuwari nonyaka ngazithola sengixhuga. Ngibe sengigijima umjaho owu-21km, ngawuqeda kodwa sengixhuga. Ngagijima iPDAC ewu-25km, phakathi kweHillcrest, nePinetown. Nayo ngiyiqede sengixhugela." Uthe ubone ngowaseSyednam owu-32km ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi ehluleka ukuqeda u-16km.
"Ngithe angivele ngiye esibhedlela eCrompton, lapho odokotela bengise kwiX-ray, okutholakale ukuthi nginenkinga ethanjeni. Ngakho kumele ngiye koxilongwa ngudokotela wamathambo ofike wathola ukuthi i-cartilage ehlanganisa amathambo ayisekho."
Uthe odokotela babe sebephakamisa ukuba eyoqinisa azohlanganisa amathambo.
"Bekufanele ngiyofakwa ama-screw emathanjeni ngesonto eledlule kodwa ngabuye ngakuhlehlisa lokho ngenxa yokuxinwa wumsebenzi wokulingisa kuZalo."
Uthe ubesaba ukuthi mhlawumbe ama-screw azokwenza agcine esehamba nge-wheelchair noma ngezinduku, okuyinto ebizomphazamisa emsebenzini wokulingisa nase-Eskom lapho aqashwe khona ngokugcwele. Ubuye waveza ukuthi ikhwaya acula kuyo nayo iyamdinga njengoba inochungechunge lwamakhonsathi phesheya kwezilwandle abalulungiselelayo.
Uthe mancane amathuba okuthi abonakale kwiComrades Marathon esuka eThekwini ilibhekise eMgungundlovu ngoJuni 9. Eqhuba uthe lokhu kwenzeke kabi njengoba abezoba eqeda iminyaka emihlanu egijima lomjaho odume umhlaba wonke kusukela ngo-2018.
Uthe yabalimaza kakhulu iCovid-19 ngoba kuneminyaka emibili abayibhuquza emakhaya bengagijimi futhi bengazilolongi. Uthe ngabe usekwelinye izinga kulo mjaho.