Nokubongwa Phenyane
INSIZWA ebingumsakazi esiteshini somphakathi Umgungundlovu FM, uThembinkosi Vidima (40) yaseSnathingi, ithi okwenze yavula isiteshi sayo somsakazo wukuthi ifuna ukusiza intsha yangakubo efuna ukungena kulo mkhakha.
NgoMeyi uThembinkosi uvule isiteshi esisakaza online, iSambulo Online, esizinze enxanxatheleni yezitolo i-Edendale, eMgungundlovu.
Ephothula u-matric ngo-1999 eMakholwa High, uthe wazama ukungena kulo mkhakha kodwa kungelula.
Ngemuva kwalokho uthe wakhetha ukuyofunda eDamelin ngo-2012 ngoba wayewuthanda umkhakha othinta ubuxhakaxhaka bezobunjiniyela. “Ngikhula ngangikuthanda ukuba umsakazi kodwa sengingenile kulo mkhakha ngabona ukuthi engikufuna kakhulu ukuba nomsakazo othi mina. Yilapho ngathatha khona isinqumo sokuyofunda ngokuthinta umkhakha wokusakaza nemisindo esetshenziswa emsakazweni. Ngemuva kwalokho ngo-2013 ngathola ithuba lokusakaza kuMgungundlovu FM, ngaba ngunjiniyela, ngaphinda ngathula uhlelo oluthi Indumiso olungena ngo-12 phakathi kwamabili kuze kube u-3 ekuseni. Kulo msakazo ngisebenze iminyaka eyisithupha ngenza izinto ezihlukene okukhona kuzo nokuba uphrojusa okuthe senginalo ulwazi ngakho ngakhetha ukuvula owami umsakazo,” kuchaza uThembinkosi.
Kulo msakazo wakhe uthe usebenza nentsha engu-30 eyenza izinto ezehlukene, angafisa ukuthi ixhaswe ngemali ukuze umsebenzi wayo ungashabalali.
“Ukuhlasela kweCovid-19 kwenze izinto zaba nzima kakhulu, ngicela noma ubani ongafaka isandla ukuze siqhubeke nokuzwakala futhi ngisize nentsha edinga ukukhula kulo mkhakha. La eMgungundlovu ubumunye kuphela umsakazo, obungeke usize yonke intsha efuna ukungena kulo mkhakha ngakho ukuvula kwami isiteshi kusize abanye,” kuchaza yena.
Uthe banethemba lokuthi bazokhula njengeminye imisakazo njengoba engeke esabheka emuva kulo mkhakha.
* Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]