UMSAKAZI weKaya FM, uSizwe Dhlomo, kuthiwa angase abe ngomunye wabasakazi abasha bomsakazo Ukhozi FM, uma sekumenyezelwa izinguquko ngo-Ephreli.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi lo msakazi uzojoyina Ukhozi FM.
Ethintwa uDhlomo uvele wahleka, wabuza ukuthi abantu bakuthathaphi ukuthi uya emsakazweni Ukhozi FM.
“Uyazi awuyena owokuqala ongibuza ngokuyosebenzela umsakazo Ukhozi FM. Kukhona noseke wangibuza nakwiTwitter ngokuya kulona. Njengamanje ngingakuqinisekisa ukuthi ngisekwiKaya FM futhi akukho engisakukhulume nomsakazo Ukhozi FM ngokuyosebenza khona,” kusho uDhlomo.
Ebuzwa ukuthi angakujabulela yini ukuya emsakazweni Ukhozi FM, uthe vele ukhule elalela lona, angakujabulela kakhulu.
“Uma nginganikwa ithuba ngingalushaya okwangempela uhlelo enginganikwa lona ngoba wumsakazo engiwuthandayo futhi engikhule ngiwulalela kakhulu. Ukuya kulona kungaba yithuba eliyingqayizivele kimina,” kuqhuba yena.
Emlandweni woKhozi FM, kuke kwenzeke ukuthi kuthathwe umsakazi ozozinza eGoli, ngenhloso yokuthi asondelane nabantu baseGauteng njengoba bebaningi abalalela lo msakazo khona. Kubasakazi abake bayibamba beseGoli, e-Auckland Park kungabalwa uFikile Komotolo, Jimmy Dlamini, Sjula Mnisi, Koos Radebe, Dkt Ronnie Masilela, Sipho Mbatha, Zama Masondo nabanye.
Umkhulumeli weSABC obambile, uMmoni Seapolelo, uthe ngeke akwazi ukuqinisekisa lokho okwamanje.
“Izinguquko zizomenyezelwa ngo-Ephreli, lapho kuzovela khona ukuthi bakhona yini abasakazi abasha abeza kukhozi FM. Ngokujwayelekile asivamisile ukumemezela kungakabi wu-Ephreli. Ngicela silinde isimemezelo ukuze sibone izinguquko ezikhona,” kusho uMmoni.