KUKHALWA nxazonke ngokubulawa komsakazi wohlelo lukamaskandi esiteshini somphakathi sase-Eastern Cape, uWilliam Zolani Mlamla obedume ngelikaDJ Mzet. Umthombo weSolezwe NgoMgqibelo udalule ukuthi lo msakazi weNkonjane FM esakazela eFlagstaff, udutshulwe esigamekweni sokudunwa kwemoto ethwala imali. "Yena ubengeyona ingxenye yabebebambe iqhaza lapho kodwa udubuleke ezihambela nje." Iziphathimandla zeNkonjane FM zisiqinisekisile lesi sehlakalo ngesimemezelo ezisifake ekhasini likaFacebook.
Ngokwesitatimende uDJ Mzet udutshulwe wabulawa ngoMsombuluko wangomhlaka-8 Novemba ngezikhathi zasekuseni.
"UMlamla ubewumsakazi oyitoho esiteshini iminyaka engaphezu kwemihlanu, esakaza uhlelo lukamaskandi obelubizwa ngokuthi Isingqi Sakithi. Lalangoxolo Ngcwangule." Sesiphetha isimemezelo sithe izinhlelo zomngcwabo bezingakaphothulwa kodwa umthombo uthe uzofihlwa ngoNovemba 21.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa nabomndeni ayiphumelelanga kwaze kwayiwa koshicilelwa. Izindaba zokubulawa kukaMzet zithinte ngisho nabaculi bombhaqanga. Ekhasini labo likaWhatsApp bebesina bededelana ngwqhaza lalendoda emculweni wesintu.