KUYAJUBULISA ukuzwa ukuthi sekuhlelekile ohlelweni lwasekuseni kwiRadio 2000.
Uma uzokhumbula kahle, kusuke umsindo eminyakeni emibili edlule ngesikhathi kuqedwa ngohlelo iPlanet Haaibo eyayisakazwa nguJust Ice. Abalandeli bakhe bakhala kakhulu kangongoba abanye baze babhala incwadi enezikhalo bacela abanye ukuthi bayisayine online futhi yesekwa ngabantu abaningi.
Esikhaleni sakhe kwangena uPhat Joe noNala Tose, abanye abantu abangabemukelanga kahle ngoba base bejwayele uJust Ice. UPhat Joe ubebuye anyamalale uzwe kuthiwa umisiwe noma akekho ohlelweni kugcine sekusele uNala yedwa.
Konke lokhu sekushintshile ngemuva kokuthi kulandwe uBongani Mtolo osesakaza uhlelo noNala.
Ngabe ngiqamba amanga uma ngithi ngike ngezwa kukhona okhalayo ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi uBongani uzothatha izintambo ngoba ufike abaningi bengamazi. Bamlande esuka KwaZulu-Natal kwi-East Coast Radio lapho akhula khona kusukela engena ebusuku washiya esesakaza uhlelo lwantambama phakathi nesonto. Ukuwenza kahle umsebenzi kumenze wathola imiklomelo kumaRadio Awards.
Ngike ngathi ukumlalela kulezi zinsuku ngingaqali ngoba bengilokhu ngilalela kusukela eqalile. Usefike wangena khaxa kulesi siteshi ungafunga ukuthi uneminyaka ekhona.
Okungenza ngithi ungene khaxa wukuthi useyilo Bongani esimaziyo kwi-East Coast Radio akafunanga ukushintsha azenze umuntu angasiye. Yena noNala babambisene kahle wonke umuntu uyayazi indawo yakhe.
Okunye okuhle wukuthi uhlelo lwabo luhlabahlosile lukhuluma ngezihloko ezithinta ngqo abantu hhayi ukuthi bathathe nje kuphela okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana.
Ngike ngezwa kuleli sonto eledlule bekhuluma ngendaba yokuthi umuntu oke wahlukumeza omunye uyashintsha yini azalwe kabusha.
Kushaye omunye wesilisa othe wamshaya kanye ayethandana naye ngo-2001 futhi useke wathandana nabaningi ngemuva kwalokho akakaze ababeke isandla. UBongani ubebuza ngqo imibuzo ngaphandle kokuwesaba ezama ukungena emqondweni wakhe efuna ukuthola ukuthi kusuke kwenzekani uze ubeke omunye isandla.
Kushaye nomunye wesifazane waseWelkom ohlukunyezwayo futhi nonina uyamxosha nasekhaya. Nakuyena uBongani ubebuza imibuzo esinayo vele nathi njengabalaleli engakunakile ukuthi owesifazane uyakhala.
Okuhle kodwa ukuthi abamshiyanga kanjalo ngoba bagcine sebemzamela usizo.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanelesibonge Bengu