CHARLES KHUZWAYO
SEKUQUBUKE imibuzo ngokunyamalala emoyeni komsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi. Abalaleli abaningi sebeqalile ukuzibuza beziphendula ngokuthi uSbu ukuziphi izinkalo? Abanye bathi usegixabezwe ngesikhundla kanti abanye basola ukuthi umisiwe. Omunye wemithombo esondelene nalo msakazo, uveze ukuthi uSbu usaxinwe yizifundo.
"Kulezi zinsuku umatasatasa nezivivinyo zokuqala konyaka," kusho umthombo. Oyisikhulu esiphezulu eSABC emkhakheni weCorporate Affairs and Marketing, uNksz Gugu Ntuli, uthe usamile emoyeni ngenxa yokuxinwa yizinto eziqondene naye ngqo
"Usewumsebenzi oyitoho usaqashwe yile nhlangano. Uzobuyela emoyeni ngokuhamba kwesikhathi."
Njengamanje uhlelo lukaSbu, Indumiso, lusakazwa uzakwabo, uThembeka Zondo-Cele. Lolu hlelo lwake lwaqopha umlando ngokuqengqeleza phambili kulo msakazo, luhlula olwasekuseni nolwantambama phakathi nezinsuku. Luke lwahlabana ngendondo yohlelo oluvelele kumaSABC Crown Gospel Awards. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaSbu ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ebuzwa ukuthi kuhamba kanjani ngamalungiselelo okuvala isikhundla somphathi wezinhlelo, uNksz Ntuli uthe kusabambe uMandla Mdletshe. "Sasicelile isiteshi ngokwedlule ukuba sinikezwe ithuba lokuqoka umphathi wezinhlelo ofanele ukuqhoqhobala isikhundla," kuphetha uNksz Ntuli.
Eminyakeni eyedlule, isikhundla besiphethwe wuZandile Tembe, obuye washiya kuso isigubhukane.
Lo msakazo usanda kuqasha umculi wokholo futhi obengumsakazi weHighway Radio, uLungisani Simelane, ukuba avale isikhala sokuba wumdidiyeli wezenkolo. Lesi yisikhundla ebesiqhoqhobelwe wuMfu Vusi Zulu. ULungisani usebenza ngokubambisana noThembeka Cele.