IZIMO ezihlukene zempilo okukhona kuzona, ukuba nezithiyo ekuqhubekeni nemfundo, akumvimbanga ukuba angene emsakazweni uSifiso Ndlozi, odume ngelikaBebeto The Sweetkind, kubalandeli bakhe.
USifiso ungumsakazi wohlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku emsakazweni waseNewcastle, iNNCR 103.7 FM. Uhlelo oluthi Amajuba Breakfast Show Reloaded ulwenza ngokubambisana noNgozi SA.
Ekhuluma neSolezwe, uSifiso uthi eqeda u-matric ngo-2003, ePhendukani High, elokishini laseMadadeni, eNewcastle, wayefuna ukuya kofunda kodwa izimo zasekhaya zangamvumela.
“Ubaba waba ngesinye sezizathu ezangenza ngangakwazi ukuqhubeka nemfundo yami njengoba ngangifuna ukwazi kabanzi ngomkhakha wobuntatheli. Ukungafundi kwami kwangenza ngayofuna amatoho, ngagcina ngokuthi ngifundele ezokuphepha ngo-2009 kuya ku-2011. Ngahamba ngaya eThekwini, ngayosebenzela ngakhona.
“Ngenza konke lokhu nje, ngase ngizamile ukwenza inhlolokhono emisakazweni njengoba nganginalo uthando lokusakaza. Ngo-2012, ngabuya ngoba ngase ngizwile ukuthi kufuneka abasakazi ngasekhaya (Newcastle). Nangempela bangithatha ngenza uhlelo lwantambama oluthi N11 Afternoon Drive,” kusho yena.
Uthi kulo msakazo washiya phansi ngemuva kwezingqinamba zezezimali, njengoba wayesenezindleko ezazidinga yena, sekumele athole umsebenzi okhokhelayo.
“Ngasebenza isikhashana, bangibiza sekulungile ngasezimalini. Ngo-2016, banginika uhlelo oludlala izingoma ezihamba phambili ezingu 20, olwalungena ngoMgqibelo. Ngo-2018, ngashiya kuyona iNNCR 103.7 FM njengoba kwakukhona izinkinga ezazikhona futhi. Kodwa ngo-2021, ngabuya kuyo kuze kube yimanje, nala bafike khona banginika lolu hlelo engilushayelayo manje,” kusho uSifiso obebamba eyeka, impilo ingaqondile.
Uthe unezinhlelo eziningi afuna ukuzenza njengoba efake isicelo kubaphathi bakhe sokuqeqesha intsha efuna ukungena emsakazweni.
Uthe okunye afuna ukukwenza emsakazweni akuwona, ukunikelela izikole abakhelene nazo ngemifaniswano aphinde asize abafundi ngamacebo ahlukene athinta imfundo yamanje nokuyinto abona ukuthi ingaba wusizo kwabaningi.
Uma usebenza emsakazweni ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email ku: [email protected]