IGAGASI FM selizakhele udumo ngokuzikhulisela lona abasakazi baze bagcine sebengena ezinhlelweni zasemini phakathi nesonto.
Abayaye bakwenze ukuthi umuntu uma efika bamfake ebusuku aze ajwayele bese belokhu bemsondeza kancane kancane.
Phela iGagasi FM linezikhala entathakusa elifaka kuzo abasakazi abasafika ukujwayeza inkonyane isisinga.
Abanye baphela umoya kodwa abanye bayaqhubeka sibabone bedlondlobala bethole amanye amathuba khona ngaphakathi.
Baningi abaqala kanjalo njengoDJ LeSoul owake wayibamba ebusuku kodwa namhlanje osengena emini phakathi nesonto ohlelweni Noma Yini.
UNomfundo Clarissa ngesikhathi bemlanda kwiNanda FM wayengena ebusuku waze wajwayela ukuba semsakazweni ozinze eCornubia.
UDJ Sphe wathi esuka kwiVibe FM waqala ebusuku kodwa namhlanje usenezinhlelo zakhe azenza noHope Mbhele.
Omunye umsakazi ongqongqozayo ezinhlelweni zasemini phakathi nesonto nguDJ Sonic. Naye uqale engena entathakusa uthi uma uphuma ebumnandini uzithele kuye esakaza noma umuzwe uma uphelelwe wubuthongo.
Njengamanje ushayela uhlelo Nayi Le Vibe noZola Zeelovin ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku, aphinde abuye ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
Asikho isimanga anaso kodwa futhi akabhedi, wenza uhlelo lube mnandi nje ngomfutho anawo.
Okumnandi wukuthi ubuye abe nguDJ wasezindaweni zobumnandi okusho ukuthi uyazi ukuthi yini ekhulunywa ngabantu abasha nokuthi bathandani bese eza nako ezinhlelweni zakhe.
Okunye okuhle ngaye wukuthi uyinxusa elihle lesiteshi ngokuba nguDJ nokukhipha kwakhe umculo ngoba uma ukhuluma ngaye, ngeke lingangeni iGagasi. Lokho kuyasiza ukuthi isiteshi sihlale sisezindebeni zabantu.
Uma ukhumbula kahle, ngesikhathi kuhamba uDJ Sphectacula noNaves kwiGagasi, bathathe yena bamenzisa uhlelo lwantambama noClarissa. Kusho ukuthi abaphathi bayamethemba futhi bayalibona ikhono kuye.
Angingabazi ukuthi uma ithuba livela maduze, sizomuzwa emini phakathi nesonto. Noma kwenzeka futhi kuba khona iziteshi ezithatha abasakazi kwiGagasi abaphathi bazokhululeka bazi ukuthi kunomuntu onjengaye ongavala isikhala.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanelesibonge Bengu