UPHINDE waliphakamisela phezulu ifulegi lakuleli umculi waseBergville, uSjava njengoba ethole ithuba lokuyocula esiteji esaziwa ngeColors Show eBerlin, eGermany.
USjava emasontweni amabili kuvele ukuthi uye kuleli lizwe kwangacaca ukuthi uyokwenzani.
Kulesi siteji kukhonjiswa abaculi basemazweni ahlukene abasuke bezokhombisa ngethalente labo.
USjava eGermany ubeyocula ingoma yakhe ethi Mama.
Le ngoma ibe nesasasa kuleli njengoba abantu bebekhombisa ukuyithakasela, naveza ukuthi ubehlonipha ngayo unina wakhe.
Ku-video ayifake enkundleni yokuxhumana ubonakala ecula le ngoma nashayelwe izandla abantu abaningi.
USjava uthe kukhona konke, ubonga abanikazi balesi siteji abamnike ithuba lokuyocula kusona.
“Ngiyabonga kakhulu kwabakaColours. Hhayi nje ngokunginika ithuba lokuthi ngicule kodwa futhi ngokuphinde ngigqugquzele abantu abahlukene abanamaphupho amakhulu, ngiyabonga kakhulu,” kusho uSjava.
Uthe ukubonga kwakhe ngeke nje kugcine kubantu abambizile kodwa nakophrojusa bale ngoma.
“Ngiyabonga nakubantu bakuleli abalokhu bekhombise ukungixhasa kakhulu,” kuchaza le nsizwa ngonyaka odlule ekhale yamuka nendondo yeViewers’ Choice Best International Act emcimbini wamaBET.
Inkampani aqopha ngaphansi kwayo uSjava ikhiphe isitatimende la iveze khona ukuthi iyaziqhenya ngalo mculi.
“Uma uqophe endaweni efana naleya, ingoma yakho ibukwa abantu abangaphezu kuka 3 million. Siyambonga ngokuziqheya ngemvelaphi yakhe nokuqhakambisa umculo wakuleli,” kuchaza yena.