UMREPHA obalwa nabaphambili kuleli u-Emtee ushiye angalazi kuCassper Nyovest ethi akanamsebenzi walutho. Sekunesikhathi u-Emtee noCassper besusana ezinkundleni zokuxhumana, kanti sekuyinto eyaziwayo ukuthi lawa maciko awazwani.
Kwivideo ayifake ku-Instagram u-Emtee uthe uTsibib, okuyigama uCassper abizwa ngalo, akanawo umthwalo empilweni.
“Umfana wenu, umfana wenu, ubani igama lakhe? Lo mfana oyisidudla, ubani igama lakhe? uTsibib akanazo izingane, akanalutho. Akanazo izingane, akanazo izindleko. Nginezinto ezingibhekile mina, umrepha wenu enimthandayo akuqhubeki lutho empilweni yakhe,"kusho u-Emtee.
Omrepha abangasazwani uCassper Nyovest noEmtee. Isithombe: Instagram
Lo mrepha uqhube wagadla nakomrepha asebezwakala kumculo weGqom’.
Kamuva nje iningi lomrepha okubalwa kubo uBeast, Kwesta, Zingar lizakwala ezingomeni zeGqom'.
“Gqom’ yamas….uma uwumrepha repha, uma ucula cula, uma ushaya iGqom’ shaya iGqom’” kusho yena.