UNYAKA uqalile, ngiyathemba ningene kahle ku-2019 futhi nginifisela konke okuhle enizifisela khona.
Siphuma emaholidini kaDisemba, okuyisikhathi abantu abaningi abasuke besibhekile ngoba yilapho behlala khona nemindeni yabo, kuhlukaniswa izitokofela futhi nemicimbi ithe chithi saka.
Kwabathanda imisakazo uDisemba yisikhathi lapho emisakazweni eminingi kuyaye kushintshe khona okwesikhashana izinhlelo.
KuKhozi FM lokhu bakubiza ngeSiyayijika Lento. Ngikuzwile kwenzeka nakweminye imisakazo njengoVibe FM nakweminye.
Ngike ngazithola ngilalele Ukhozi FM ngesikhathi izinhlelo zijikile. Akukho okutheni engingakuphawula ngezinye ngaphandle kukaSigiya Ngengoma ngoMgqibelo.
Lolu hlelo lwethulwa yizintokazi uZimiphi “Zimdollar” Biyela noNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo kodwa belubanjwe nguSiya Mhlongo noSelby “Selbyonce” Mkhize.
Cha umfo kaMhlongo unethalente eliyisimanga kwezokusakaza. Okuhle ngaye wukuthi lonke uhlelo alwenzayo uyazimisela futhi uyazilungiselela nokuyinto ezwakalayo uma esesakaza.
Ngiyakhumbula ngomunye unyaka wake wangena emini wafike wenza umsebenzi omuhle. Ohlelweni lwakhe Indumiso wenza okuncomekayo.
Ngesikhathi esakaza wayekhuluma ngomaskandi kungathi uyawazi kanti umsebenzi wokuzilungiselela nje qha.
Okumnandi abakwenza noSelby ngesikhathi benza uhlelo lwabo wukumema abalaleli ukuthi babe yingxenye yalo ngokubacela bebaqambe izibongo.
Phela ayikho into ejabulisa umlaleli njengokuthi kube neqhaza alibambayo ohlelweni. Khona uma kuke kwathiwa abafone abanye baze bafone bengazi nokuthi kukhulunywa ngani ngoba nakhu nje befuna ukuzizwa emoyeni.
Kwakumnandi futhi nokuzwa osaziwayo abahlukene njengo-Anga Makubalo obuye aziwe ngoNaak Musiq noThembsie Matu onguPatronella kwiThe Queen besho izingoma zikamaskandi abazithandayo.
Ukushintshwa kwezinhlelo kunikeza ithuba abaphathi ukuthi bezwe abasakazi babo ukuthi bangabajuba kuphi uma sekufike isikhathi sokushintsha izinhlelo.
Angingabazi nakancane ukuthi uSiya ungamfaka noma yikuphi angabi nankinga. Kuthokozisile futhi ukuzwa nabasakazi abanjengoMdonso Ngcobo bengena phakathi nesonto futhi waze wazibambela yedwa iJabul’ujule, oMaFresh noZeal Dladla.
Ungangibhalela [email protected] noma kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu