ABANTU abasha abaziphuthiselanga ngethuba lokuyozama inhlanhla emncintiswaneni womculo ama-Idols SA obekunenhlolokhono yawo eThekwini ngoMgqibelo.
Ama-Idola SA kuzoba kungokuka-15 kulo nyaka eba khona.
Abantu bebethutheleke ngobuningi eDurban Amphitheatre, eNorth Beach. Bebefika babambe ulayini ngaphambi kokuyobona amajaji ngaphakathi.
Ulayini ubumude nelanga likhipha umkhovu etsheni kodwa abantu babekezela kunjalo.
Owezokuxhumana kuMzansi Magic, u-Irvin Pooe, uthe yize engenaso isibalo esiqondile sabebehambele inhlolokhono kodwa bajabule ngendlela abantu abebephume ngayo.
“Uyalazi iTheku, kuhlale kufika abantu abaningi, sijabule. Esikubonayo wukuthi abantu abangenelayo baya ngokuba bancane ngokweminyaka. Izinombolo zomazisi zabaningi ziqala ngo-0,” kusho yena.
Ukungenela kuvumeleke kubantu baseNingizimu Afrika abaneminyaka ephakathi kuka-16 kuya ku-30.
Ngonyaka odlule umncintiswano wanqotshwa ngowayemncane kunabo bonke uYanga Sobetwa waseKapa, eneminyaka ewu-17. Ngonyaka owandulela odlule kwanqoba uPaxton Fielies naye owayeneminyaka ewu-17.
Abenza inhlolokhono bazodlulela e-Ellis Park Arena, eGoli, ngoMgqibelo; ePolokwane nasePort Elizabeth ngoFebhuwari 23 bese isongwa eKapa ngoMashi 2.
BEBEBULALA inyoka abaculi abebeyozama inhlanhla emncintiswaneni ama-Idols SA ngoMgqibelo emini
Umncintiswano uzoqala ukukhonjiswa kuthelevishini ngasekupheleni konyaka. Izinhlelo zabukhoma zizoqoshelwa eState Theatre ePitoli bese kudlulelwa eCarnival City, eGoli.
Ozodla umhlanganiso uzothola imiklomelo ehlanganisa inkontileka yokuqopha neminye engakaqinisekiswa.