LUZOQHUBEKA nokubanjwa uHeazy noNjabs uhlelo lwasekuseni emsakazweni iGagasi FM, njengoba obengumshayeli walo omkhulu uMzokoloko Gumede, esejoyine uKhozi FM.
Isolezwe libike ukuthi abaphathi bashayana ngamakhanda ngemuva kokushiya isigubhukane kukaMzokoloko obengenye yezinjini zalo msakazo.
Akuyena uMzokoloko kuphela oshiyile kodwa noKing Sfiso ujoyine uKhozi.
Esitatimendeni esikhishwe yiGagasi kuvela ukuthi ohlelweni lwasekuseni uHeazy noNjabs bazobambisana kuze kuphele u-Ephreli.
UZola Zee Lovin usezobambisana noDJ Sonic ohlelweni lwangoLwesihlanu, iHangouts engena ngo 7-10 ebusuku.
NgoMgqibelo uzoshayela noNjinga uhlelo oluthi Vibes olungena ngo-4 luphele ngo-7.
Lezi zinguquko zizoba kulo msakazo kuze kuphele u-Ephreli.
Uhlelo obelusakazwa wuNomfundo Xaba phakathi nezinsuku ngo-9 kuze kube u-12, iGolden Circle, luzosakazwa wuZisto njengoba le ntokazi isathathe ikhefu lokubeletha.
UKhulekani ubonge uMzokoloko noKing Sfiso ngegalelo labo kulesi siteshi.
Uthe babafisela konke okuhle kulo mkhakha wokusakaza futhi bayaziqhenya ngabo.
Kwenzeka lokhu nje kwenzeke izinguquko ezinqala emsakazweni iMetro FM njengoba uMoshe Ndiki noRelebogile Mabotja befakwe ezinhlelweni ezibalulekile.
UMoshe uzongena sikhaleni sikaMasechaba njengoba ezokwethula uhlelo lwantambama noMo Flava.
URelebogile uzojoyina ithimba lasekuseni eliholwa uDJ Fresh.
Omunye ojoyine lo msakazo, u-Andile Ncube, uzosakaza uhlelo lwezemidlalo ngempelasonto.