UMCULI weKwaito osematheni kulezi zinsuku, uMshoza, ubizelwe udokotela ukuthi azobheka isimo sakhe sempilo. Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi ubanjwe oqotshweni uMnuz Thuthukani Mvula, abesethembisane naye umshado, nowesilisa oyiphoyisa amsola ngokumjolela naye.
Abantu abasondelene noMshoza bazise iphephandaba laseGoli i TshisaLive ukuthi unedumbe futhi umoya wakhe uphansi kakhulu kulezi zinsuku ngemuva kokuvela kwalolu daba. Kubikwa ukuthi abangani bakhe babize udokotela ngoLwesibili ebusuku ngoba bebekhathazekile ngokuthi akakhombisi izimpawu zokuba ngcono.
"Akekho esimeni esihle. Akadli. Kuze kwaza udokotela wazombona izolo ebusuku (ngoLwesibili) ngoba sikhathazekile ngaye. Uyaqhaqhazela kakhulu kodwa ubesengcono ngemuva kokubona udokotela," kusho umthombo osondelene noMshoza.
Kuleli sonto uMshoza udalule ukuthi usefuna ukuhlaba ikhefu ekuqomeni ngoba uzibona ewumuntu ongenayo inhlanhla uma kuziwa ekutholeni umaqondana.
Lokhu ukusho ohlelweni lwasekuseni kuMetro FM, i-Fresh Breakfast, lapho eveze khona ukuthi ubudlelwane bakhe noMvula bese bungebuhle futhi esehlala ngokwesaba.
Uthe ngesonto eliphelile, uThuthukani ushise izimpahla zakhe zonke, emsola ngokujola.
Kwenzeka lokhu nje, uThuthukani, waseBergville obesethembise uMshoza umshado, unekele izwe kuFacebook, ukuthi uMshoza umbambe endlini yephoyisa laseFree State nokugcine ngokuthi amphuce imoto yakhe akade ehamba ngayo