USEPHUCIWE izingane uMshoza osematheni kulezi zinsuku ngokubanjwa neshende.
Usomabhizinisi owayeshade noMshoza, uJacob Mnisi, uthi ngeke aphinde azidedele izingane zakhe ezimbili ebeseziphenduke ondingasithebeni kulandela ukulaxazwa unina kubo kasoka elimxoshile, eBergville.
UMshoza ushiye lezi zingane noThuthukani Mvula omxoshe nezimpahla abezigqokile kulandela ukumbamba nephoyisa eHarrismith eliyishende lakhe.
UMshoza ubaleke washiya izingane zakhe nokuholele ekutheni uMvula afonele uMnisi ukuthi azilande ngoba ubengasazidingi kwakhe.
UMnisi uthi simcasule kabi lesi senzo sikaMshoza, futhi akulula ukuthi aphinde amthembe ngezingane zakhe.
“Ngithumele abashayeli bami ngoLwesithathu bayongilandela izingane, ngasala ngizama isikole. Seziyafunda manje ngihlala nazo kwami eWitbank.
“Okungihlukumeze kakhulu ukuthi uvele wazishiya nomuntu obediniwe. Ukuba bekungomunye umuntu lo mlisa ubengakhiphela ulaka ezinganeni. Ngiyambonga lo mlisa ukhombise ubudoda,” kusho uMnisi.
Uqhuba wathi uMshoza wahamba nezingane zakhe wayohlala nazo eBergville bengavumelene.
Uthe uMshoza wacela izingane njengomuntu ofuna zibenaye ngamaholidi kaKhisimusi.
“Wazithatha ngoDisemba wathi ucela ngimboleke zona ngoba amaholidi. Ngamfonela ngoJanuwari ngibona kusondela izinsuku zokuvulwa kwezikole, wavele walwa. Wangifonela esengitshela ukuthi usethole isikole esisha eKZN, ngeke ngisazithola.
“Ngamyeka ngoba ngicabangela izingane njengoba esephinde wazilahla,” kusho uMnisi.
UMnisi uphinde wakuveza ukuthi nango-2015 uMshoza wake wazithatha izingane kodwa zamhlula nokwenza abone ukuthi sekumele ayeke ukumzwela avele amphuce ngokusemthethweni.
“UMshoza ukufica uyimvu akuphendule impisi. Noma ungazehlisa uzame ukumkhulisa ngokomqondo uyehlula. Kumele andinde yedwa hhayi nezingane,” kusho uMnisi ezwakala ediniwe yilesi senzo.
UMvula phakathi nesonto ekhuluma naleli phephandaba uveze ukuthi kube umzuzu onzima ukuhlukana nezingane kodwa ubone kufanele ziphinde kuyise.
“Bezikhala zingafuni ukuhamba kudingeke ukuthi ngiqambe amanga ngithi ziyovakasha isonto elilodwa zizobuya. Okubi ukuthi uMshoza ubesezazise nakuleli soka izingane. Le nto ayenzayo izophazamisa izingane,” kusho uMvula.
UMnisi ukuqinisekisile naye ukuthi ubesezwile ukuthi uMshoza ubesexhumanisa lezi zingane nesoka lakhe elisha nokungenye yezinto ezimcasulayo.