ZEHLE njengoju kwabanye abalaleli boKhozi FM izindaba zokusula komphathisiteshi, uBonga Mpanza, osule isigubhukane ngoLwesihlanu.
UMpanza ubebambe njengesikhulu esiphuzulu eSABC KwaZulu-Natal ngemuva kokuthatha umhlalaphansi kukaZamambo Mkhize ngoJanuwari wonyaka odlule.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe uMpanza usule ngemuva kophenyo obeluqhubeka oluveze ubufakazi bokuthi kukhona angakwenzanga ngendlela.
UMpanza yena uthe: “Kuyiqiniso ukuthi ngisulile emsakazweni. Ngikwenze lokhu ngenxa yesimo ebengisebenza ngaphansi kwaso nangokubhekelela ukuphepha komndeni wami.”
Umlaleli woKhozi, uZwakele Madela waseBabanango, uthe kuningi okuhle nokubi okwenziwe wuMpanza, bamfisela inhlanhla.
“Kunezinqumo ebezithathwa bengacabangi ngabalaleli. Izindaba zokushintshwa koNgizwe noTshatha. USgiya Ngengoma ngeke uphinde uwine imiklomelo ngoba awusafani. UTshatha noNgizwe babenezinkinga zabo kodwa babewudlala umculo. Mina angisazihluphi ngawo sengimane ngizibukele ithelevishini,” kusho uZwakele.
UMfanafuthi Shezi waKwaYanguye, eMelmoth, uthe: “Ngingakubeka kugcwale umlomo ukuthi ngeneme impela. Bese ngingeneme ngokuphatha kukaMpanza.”
Uthe wakhaliswa kakhulu wukuxoshwa kukaLinda Sibiya noNgizwe Mchunu.
“Asitshelwa lutho sibona sekwenzeka. UNgizwe uqhakambisa ulimi lwesiZulu ngezingosi ezinjengeDlala Ngenkotha. Sezwa kuthiwa wawina icala kodwa asizwa lutho, sisamdinga.”
Umlaleli oqavile woKhozi FM, uNhlekelele, uthe wenze kahle ngokuhamba uma ebona ukuthi kunezinkinga.
“Okusiphatha kabi wukuthi uma umuntu efika siyabizwa kuthiwa asimamukele kodwa uma esehamba asitshelwa lutho.”
Nasezinkundleni zokuxhumana abanye bathe ncinci kaMjoli ngokushiya kukaMpanza.
USifiso Zondo uthe: “Akahambe vele umoshile ubengayazi into ayenzanyo.”
UNtokozo Page Mbatha uthe: “Ibambe ngakho, kwakunini exosha abasakazi, kungaye-ke namhlanje.”
UMthokozisi Mthembu uthe: “Siyabonga, ulonile Ukhozi sekungathi yisiteshi somphakathi.”
Njengamanje Ukhozi luphethwe nguSbongi Ngcobo ophethe ezokukhangisa. Ubengakamenyezelwa ozophatha iSABC esifundazweni.