ABACULI bakwaZulu-Natal, okukhona kubo uMlindo the Vocalist, Sun-El Musician noNasty C, ngabanye babahlonishwe nabakwamanye amazwe njengoba izingoma zabo ezithengiwe futhi zaphinde zalalelwa kakhulu kwi-Application yomculo i-Apple Music.
Lokhu kuvezwe yile nkampani njengoba laba baculi bechonywe uphaphe lwegwalagwala, ngomsebenzi wabo ku-2018.
Laba baculi bakuleli akubona kuphela abahlonishiwe njengoba kukhona no-AKA, DJ Maphorisa noKwesta.
Abakwa-Apple Music, bahloniphe laba baculi njengoba izingoma zabo zenze kahle kakhulu kulo nyaka.
Umculi wase-USA uDrake umenyezelwe njengomculi wonyaka.
UNasty C uhlonishwe ngengoma yakhe ethi Strings and Bling, u-AKA ngethi Touch My Blood, uDJ Maphorisa neMajor Lazer bahlonishwe ngengoma ethi Particula, uKwesta ngethi Spirit, uSun EL Musician ngethi Akanamali uMlindo ngethi Bamthathile.
Akuhlonishwanga kuphela abaculi kodwa nomkhakha wamafilimu awusalanga ngaphandle.
Amafilimu okukhona kuwo i-Avengers: Infinity War, Mission: Impossible - Fallout neBlack Panther abe ngamanye ahambe phambili.
IBlack Panther yadonsa amehlo abaningi njengoba yayikhuluma ngobukhosi base-Afrika, ibophele abalingisi ababili bakuleli nabase-Afrika.
Okwenza yathandwa futhi yabukwa kakhulu kuleli wukuthi yayiqukethe izingoma zabaculi okukhona kubo uBabes Wodumo, Sjava nabanye.