ISITESHI i-e.tv sesibonge umlingisi womdlalo iScandal!, uBongile Mantsai, ngokuzinikela endaweni kaMthunzi ayilingisa kulo mdlalo nedonse amehlo ezinkumbi zabantu bakuleli.
UMthunzi ngumuntu ongathandwa abaningi njengoba eyisigebengu esiyiqola nokungelula ukuthi sibanjwe.
Kodwa manje kulo mdlalo ulele esibhedlela njengoba kukhona abamdubula ngemuva kokumbamba ukuthi nguyena umenzi wobubi.
UKhalik Sherrif, oyisikhulu kwa-e.tv, ubize uBongile esiteji ezombonga emcimbini obuseGoli, eMelrose Arch, ngesonto eledlule.
Uthe abantu abafana noBongile yibona abenze izibalo zesiteshi zanyuka njengoba lo mdlalo usubukwa ngabantu abangu-5 million.
Ekhuluma neSolezwe uBongile uthe, kuyajabulisa lokhu okwenzekayo futhi kuyamgqugquzela ukuthi aqhubeke azinikele kukhona konke akwenzayo.
“Ukubizwa kanje phambi kwabanye abalingisi kusho lukhulu futhi ngiyabonga kulo mdlalo ngokunginika ithuba elifana naleli. Umsebenzi usamningi ekulingiseni njengoba ngimatasa nangemidlalo yasesiteji,” kusho yena.
Uthe kulo mdlalo njengoba uMthunzi elele esibhedlela nje akazi noma sekuwukuphela kwale ndawo noma kukhona okusazoqhubeka ngayo.
“Kulo mdlalo unikwa okumele ukwenze ngalelo sonto kudlule nami angazi noma sekuwukuphela kwale ndawo noma isaqhubeka. Kodwa kungijabulise kakhulu ukuyilingisa,” kuchaza yena.
Kulo mcimbi kuphinde kwethulwa umdlalo omusha othi Isipho nozoqala ngoJulayi 1 ngo-6.30 ntambama.
Kuwo kulindeleke abalingisi abafana noNimrod Nkosi noThobani kaDlomo Nzuza.