UMCULI wezingoma zothando, uRingo Madlingozi, uthe akanavalo ngokuthi kukhona lapho engeke aqashwe khona ngenxa yokuthi ungumlandeli we-Economic Freedom Fighters (EFF).
URingo ubekhuluma naleli phephandaba ngemuva kokuqopha ingoma nomkhulumeli weqembu uMbuyiseni Ndlozi izolo. Le ngoma kulindeleke ukuthi ibe kwi-albhamu, iJazz Hour Volume 3 ekhishwa yi-EFF.
“Akekho umuntu ongangivala umlomo. Ithalente ngelami futhi ngiyabathanda abantu. Angesabi lutho. Ngaphambi kokuthi ngibe wumculi, ngingumuntu. Angibalaleli labo abathi kumele ngingazihlanganisi nepolitiki,” kusho uRingo.
URingo uthe ingoma akade beyenza izotholakala maduze futhi izoba mahhala.
“Ngiyenzele abantu nje. Mina ngiyaziwa ngezingoma zothando nozwelo. Ngemuva kukaMashi ngizokhipha i-albhamu,” kusho yena.
Uthe uma kwenzeka ephakanyiselwa esikhundleni kwi-EFF uzosithatha ngoba usebenzela abantu.
“Abantu kumele bavuke babone ukuthi kwenzakalani ezweni. Abantu bafuna ushintsho futhi i-EFF yiyo engiyibona isebenzela abantu. Iphethwe ngabantu abasha abaziyo ikusasa futhi yibo kade beseqhulwini lemfundo yamahhala emanyuvesi. Yibo engibabonayo ukuthi bangasisa phambili. Izinto ziyajika, isikhathi siyashintsha, abantu abanamandla ngabantu abasha. Abantu abavule amehlo,” kusho uRingo.
Omunye wabahleli bemicimbi eba minyaka yonke KwaZulu-Natal, uthe akulula ukuqasha umculi ophumela obala ngenhlangano ayesekayo, ikakhulukazi uma kungephikisayo.
“Nathi njengabahleli sinezinhlangano esizilandelayo. Nabaxhasi bethu kuba wuhulumeni, njengoba kuphethe owe-ANC nje, ngeke uqashe umuntu weqembu eliphikisayo. Kuzobukeka kabi. Kungcono abaculi bangaphumeli obala.”