ABALANDELI bakaMjik’jelwa bachitha amawele angabafowabo alo mculi ongasekho abanga ukuhola amaqembu akhe njengoba beveza ukuthi alikho eseliqokwe yibona ukuthi bengamele amaqembu akhe.
Umbango uphakathi kukaMnikezwa noBheki Ngubane abangamawele abasanda kuveza ukuthi baqokwe ngabalandeli bakaMjik’jelwa ukuthi bengamele amaqembu akhe njengoba engasekho.
Induna yabalandeli bakaMjik’jelwa ababizwa ngeZihonga, uSoh Mkhonza ithe, bebengakaqoki muntu phakathi kukaBheki noMnikezwa ukuthi kubekhona ozokwengamela amaqembu alo mculi.
“Kusithusile nje sibona sekuvela umbango ophakathi kukaBheki noMnikezwa bethi yithina esibaqokile ukuthi bengamele amaqembu kaMjik’jelwa.
“Kuyiqiniso impela ukuthi njengabalandeli sinezwi ekuqokweni komuntu ozohola amaqembu kaMjik’jelwa kodwa besingakaqoki muntu.
“Lokho ngeke sikwenze nabo laba baculi asebebanga kodwa sizokuxoxa noyise nonina.
“Ngokwazi kwethu uMjik’jelwa ubeziphathele inkampani okusho ukuthi umuntu onelungelo lokukhuluma ngezinto zakhe abazali bakhe kuphela,” kusho uMkhonza.
UMkhonza uthe abasagxile kukhona njengamanje ukukhipha i-albhamu kaMjik’jelwa ashiye eseyiqophile abazimisele ngokuthi igcine idayise ifike kwi-platinum.
Uqhube wathi njengoba iqembu likaMjik’jelwa elikhulu “Amangcukumane” liqashiwe ukuthi linandise kwiMpucuzeko Maskandi festival ngoJulayi 21, ukhona ozobe elihola.
Uthe ukhona ozohola leli qembu kwiMpucuzeko kodwa lokho kuzobe kungasho ukuthi sekunguyena abamqokayo ukuthi ahole amaqembu kaMjik’jelwa wonke, kuzoba yinto yesikhashana.
Embangweni oke wavela phakathi kwabafowabo kaMjik’jelwa, uMnikezwa uveze ukuthi kukhona izinto asazozengeza kwi-albhamu kamfowabo.
Lokho ukuchithile uMkhonza, uthe alikho elinye izwi elizozozwakala kule albhamu ngaphandle kwelikaMjik’jelwa.
Okunye okuke kwavela ukuthi uThembi Ngubane oyimenenja kaMjik’jelwa unamalungelo alinganayo nalo mculi ongasekho okusingatha inkampani yakhe.
UMkhonza uthe ngokwazi kwabo uMjik’jelwa ubeziphathele inkampani yedwa yingakho zonke izinto zakhe kumele zikhulunywe abazali bakhe nabalandeli.