IZINTANDOKAZI zoKhozi FM, uDudu “Lady D’’ Khoza noSelby “Selbeyonce” Mkhize zizobanga ukuvotelwa abalaleli balo msakazo kumaDStv Mzansi Viewers Choice Awards, azoba seGoli, ngoNovemba 24. ULady D noSelbeyonce baqokwe emkhakheni weRadio Personality of the Year, abaqhathwe noDJ Fresh no-Anele Mdoda.
Lo mcimbi wethulwe izolo, eSandton, eGoli nala bekugcwele khona osaziwayo ababonakala ezinhlelweni ezehlukene kulesi siteshi. Lo mcimbi ozoba ngowesibili kulo nyaka ubophele izinkakha emikhakheni ehlukene.
IDistruction Boyz kulo mcimbi iqokwe kathathu emikhakheni ehlukene.
Kuphinde kwaqopheka umlando kumaskandi njengoba uKhuzani kuphinde kwaba uyena yedwa kulolu hlobo lomculo oqokiwe. Uqokwe emkhakheni womculi othandwa kakhulu nabaculi okukhona kubo u-AKA, Lady Zamar, Shekhinah nabanye.
Omunye umkhakha okuboshelwe kuwo kulo mcimbi owesifazane ohamba phambili ekulingiseni. Kuwona kuboshelwe uThembsie Matu, Rami Chuene, Moshidi Motshegwa, Linda Sebezo nabanye.
DUDU “LADY D” KHOZA
UReneilwe Sema weMzansi Magic, uthe bajabule ngokubuya kwalo mcimbi futhi kulo nyaka uzobe umkhulu kakhulu. Nakulo nyaka lo mcimbi uzophindwe wethulwe uBonang Matheba obengumethuli wawo nayizolo.
Eminye imikhakha embalwa imi kanje:
1. FAVOURITE SONG OF THE YEAR
A. PRINCE KAYBEE & LASOULMATES FT ZANDA ZAKUZA & TNS - CLUB CONTROLLER
B. DJ MAPHORISA FT DJ TIRA, BUSISWA & MOONCHILD SANELLY - MIDNIGHT STARRING
C. HEAVY K FT NOKWAZI & BUCIE - INDE
D. DISTRUCTION BOYZ FT DLADLA MSHUNQISI & BENNY MAVERICK - OMUNYE
E. KWESTA FT WALE - SPIRIT
2. FAVOURITE TV PRESENTER
A. LERATO KGANYAGO
B. THOMAS MLAMBO
C. PEARL MODIADIE
D. CAROL TSHABALALA
E. ANELE MDODA
3. FAVOURITE COMEDIAN (KIA)
A. SKHUMBA
B. FELIX HLOPHE
C. TUMI MORAKE
D. SMOWKEY NYEMBE
E. MPHO POPPS
4. FAVOURITE RISING STAR (KIA)
A. SMASH AFRIKA
B. LUVUYO MANYONGA
C. DISTRUCTION BOYZ
D. LANGA MAVUSO
E. LUNGI NGIDI
5. FAVOURITE RADIO PERSONALITY
A. ANELE MDODA
B. NTATE THUSO MOTAUNG
C. DUDU ‘LADY D’ KHOZA
D. DJ FRESH
E. SELBY ‘SELBEYONCE’ MKHIZE
6. FAVOURITE ACTOR (1LIFE)
A. WARREN MASEMOLA
B. HAMILTON DLAMINI
C. MDUDUZI MABASO
D. MASOJA MSIZA
E. KHULU SKENJANA
7. FAVOURITE ACTRESS (1LIFE)
A. THEMBSIE MATU
B. RAMI CHUENE
C. LINDA SEBEZO
D. MOSHIDI MOTSHEGWA
E. LESEGO MARAKALLA