UTHOLE umntwana wentombazane, umlingisi weSibaya, uJessica Nkosi, ozakhele igama ngokulingisa indawo kaQondi kulo mdlalo.
Izindaba zokubeletha kwakhe bezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi eziveze ekhasini lakhe ku-Instagram noTwitter ngoLwesihlanu.
Ufake isithombe esiveza yena noyise wengane yakhe obelingisa kuZalo, uNtokozo Dlamini o(owayedlala indaow kaMastermind kulo mdlalo) begone usana lwabo, uNamisa Dlamini.
Lesi sithombe esichaze inqwaba yabalandeli bakhe, besihambisana nombhalo othi: “Kanjalo nje sesibathathu. UNkulunkulu usivezele ubukhulu bakhe amandla akhe nomusa wakhe. Ngizizwa ngibusisekile ngale ntombazane.”
Uqhube wathi abantu abamukele uNamisa “Nami” Dlamini amteketisa ngokuthi uTwinkle.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uJessica uthe benoNtokozo nemindeni yabo bajabule kakhulu ngokufika emhlabeni kwendodakazi yabo.
“Ngisazijwayeza ukuthi kunjani ukuba ngumama. Ngingakuveza ukuthi ngisajabulela yonke imizuzu yalolu thando oluyisimanga, olungachazeki.
"Ngizizwa ngibusisekile kakhulu,” kusho uJessica.
Ubonge abantu ngokubabonisa uthando nokubeseka ngalesi sikhathi.
Uthe namanje akakholwa ukuthi usengumama.
Imiyalezo yokumhalalisela ibilokhu ingene njalo, abantu bemfisela okuhle kodwa.
Njengoba esebelethile umbuzo osusele ukuthi ubuyela nini kwiSibaya.
Besekunesikhathi enyamalele kulo mdlalo njengoba obekhulelwe.
Okhulumela Isibaya, * -Emmah Ngomane ukuqinisekisile ukuthi uJessica usazobonakala kulo mdlalo.
Uthe ubengakaze ashiye kulo mdlalo, ubesanikezwe ikhefu njengoba ubekhulelwe.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi uzobuya nini. Uzobuya uma sekuphele ikhefu lakhe,” kusho * -Emmah.
Akucaci noma uJessica useshadile yini noNtokozo njengoba bobabili bevele kwezinye zezithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana befake izindandatho.
Khona manjalo usaziwayo uKhabonina Qubeka umangaze abaningi eveza ukuthi usanda kuthola umntwana wentombazane.
Basale bezibuza ukuthi kanjani njengoba kungakaze kuvele ukuthi ukhulelwe.
Abanye bamncomile ukuthi uyakwazi ngempela ukufihla.