ISILOMO somdlali weRoyal Eagles kodwa esaziwa ngokuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla uMasibusane “Zizou” Zongo sizwakalise injabulo yaso ngethuba esilinikwe ngabakwaMpisane ukuba siphinde sizame ukwakha impilo yaso kade sekubukeka sengathi kuphelile ngaso.
UZongo ukusho lokhu ekhuluma neSuperSport ngemuva komdlalo iqembu leNational First Division (NFD) elishaywe kuwona yiMaritzburg United ngo 2-1.
Ngaphandle kokugqamisa kukaZongo ukuthi uyobakhohlwa efile abakwaMpisane (abanikazi be-Eagles uShawn noSbu) ngokumtakula ebhekene nobunzima empilweni yakhe, ukuvumile obekushiwo nguJabu “Pule” Mahlangu ngaye ukuthi usengayiguqula impilo yakhe, inqobo nje uma yena efuna ukukwenza lokho.
“Ngiphatheke kahle lapha kwi-Eagles. Ngifuna ukudlulisa ukubonga emndenini wakwaMpisane ngokunginika ithuba lokuqala ikhasi elisha empilweni yami. Selokhu kufike uRoger Sikhakhane izinto zihamba kahle. Iqembu nalo lenza kahle njengoba linqoba imidlalo. Ngicabanga ukuthi sihamba emgqeni ofanele,” kusho uZongo.
UZongo uke wahlala izinyanga ejele. Wayeboshelwe izinsolo zokudlwengula kodwa waphuma phambili ecaleni. AbakwaMpisane yibona abakhokhela abameli. Esikhundleni sokuthi bamkhombe indlela bambuyisile eqenjini.
Intombazane eyayisola uZongo ngokuyidlwengula kuvela ukuthi yaqamba amanga. Ngempelasonto ungene washintsha umdlalo i-Eagles kade ilandela emuva ngo 1-0 kwiMaritzburg United emdlalweni weLast 16 yeNedbank.
“Sidlale kahle kakhulu, silale ngemizuzu yokugcina. Umqeqeshi wethu ubesidonse ngendlebe ngoSiyanda Xulu ngoba uyingozi kumakhona nama-free kick. Ukumiswa komdlalo (ngenxa yesimo sezulu) nakho kuthe ukusiphazamisa. Kuzomele sibuyele emuva silungise amaphutha bese sigxila emidlalweni ezayo,” kusho uZongo.