UZWAKALA sengathi uzizwa ezelwe kabusha umdlali weLamontville
Golden Arrows, uDanny Phiri, oyibamba enkabeni yenkundla kuleli qembu ngokuphinde athole elinye ithuba lokudlala ngemuva kokulimala okunzima nokumenze wahlala isizini yonke edlule engawuthinti unobhutshuzwayo.
UPhiri, odabuka eZimbabwe, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi
uke wabhekana
nesimo esinganambitheki ngesizini edlule ayichithe ebukele ozakwabo bedlala.
“Bekuyisimo esimuncu futhi kuyisikhathi
esinzima kakhulu kimina bengibhekene naso ngesizini
edlule ukubukela ozakwethu bedlala mina ngihlezi esitendeni nabalandeli.
“Ngeke ngikufihle ukuthi ngijabule ngendlela engachazeki njengoba sengiphinde ngalithola elinye ithuba lokudlala.
“Umsebenzi ongihlalele njengamanje ngowokubuyisa izinga okuthe ngilimala ngabe ngikulona,”kuchaza uPhiri ofike kuBafana Bes’thende kade edlala kwiChicken Inn yaseZimbabwe.
Lo mldlali uqhuba uthi ufuna ukuqhubeka nokudlala imidlalo eminingi ngoku semandleni akhe ukuze asize iqembu.
“Ngifisa ukuthi iqembu lingenza kangcono kunesizini edlule.
“Abantu bangaqali basheshe bakhombe ngeminwe ngenxa yemiphumela yakamuva esisayitholile ngoba kusese kuseni kusanda kuntwela ezansi, imidlalo isembalwa kakhulu esisayidlalile,” kusho uPhiri.
Ebuzwa ukuthi ngabe ubona kukhona abazokuzuza ngale sizini bengabadlali be-Arrows uthe: “Kufanele ngoba sesiyazanaa kahle ngendlela ngenxa yokudlala ndawonye.”
“Nginethemba lokuthi kukhona esizokuzuza kule sizini ngesizathu sokuthi sesidlale ndawonye isikhathi eside ngakho sesiyazana ukuthi ubani udlala kanjani futhi kufanele umphakele kanjani ibhola uma esendaweni ethile.”
Uphethe ngokuthi akanaye umdlali omqoka angathi uhlale njalo efisa ukudlala eduze kwakhe njengoba abanye abadlali bayaye bethi bazizwa kahle uma kukhona usibanibani eduze kwakhe.
“Mina ngafundiswa ukuthi uma ungumdlali kufanele ukwazi ukudlala ngendlela efanayo ezimeni ezahlukene. Mina ngidlala nanoma yimuphi umdlali umqeqeshi asomqekele ukuthi ngibambisane naye enkabeni yenkundla,” kusho uPhirios osebenzisa okumnyuzi eziswini.