UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, UPitso Mosimane, uzimisele ukunika ithuba lesibili uTokelo Rantie omunye wabagadli abahlonishwayo eNingizimu Afrika.
URantie, obekade edlala kwiBafana Bafana, udikile ibhola emuva kokubuya phesheya kwezilwandle eminyakeni emibili edlule. Kubikwe izinkinga zempilo ezimkhungethe.
URantie uziqhelelanisile nabantu abekade ezwana nabo, waphenduka inkomo edla yodwa. Maphakathi nesizini edlule uthushuke kwiCape Town lapho umqeqeshi uBenni McCarthy, adlale naye kwi-Orlando Pirates, abezimisele ngokumsayinisa. Nokho kugcine kungenzekanga, wasala ephoxekile uMcCarthy.
URantie usekhempini yeSundowns eMpumalanga lapho ezilungiselela khona ukuqala kwesizini entsha.
“UTokelo uziqeqesha nathi, simnike ithuba. Ucelile wathi ngicela unginike ithuba lokuziqeqesha, ngibuyele esimeni. Uma ukuthanda okubonayo ngizokuthokozela ukuthola inkontileka. Udlale kwi-English Premier League eminyakeni embalwa edlule, eTurkey naseSweden. Udlale kwiBafana ibhekene neNigeria,” kusho uMosimane.
“Kufanele simnike ithuba futhi ngihlale ngikholelwa ekutheni abantu banikwe ithuba lesibili. Empilweni wonke umuntu ufanelwe wukunikwa ithuba, angikhathali ukuthi ukuphi. Kukhona okufanele akunike ithuba. Ngokujwayelekile kuba yimpumelelo. Asimnike ithuba, usekahle futhi akamdala. Unazo izinkinga zakhe zangaphandle kwenkundla kodwa sizomnika ithuba lokulungisa futhi ungumdlali omuhle. Mhlawumbe angasiza iBafana kodwa lokho kufanele akukhombise enkundleni, kungasho mina.”
Kubadlali beSundowns abebekade bengekho ekhempini izolo, kukhona uJeremy Brockie onenkinga yomndeni eNew Zealand, George Lebese ongase ashiye noma yinini emuva kokubolekiswa kwiSuperSport United ngesizini edlule, noGaston Sirino okuthiwa ulimele. Bekukhona nomgadli omusha uMauricio Affonso wase-Uruguay.
“UGeorge uye kwiSuperSport enethemba lokuthi uzothola inkontileka kodwa akwangenzeka. Ukuvezile ukuthi ufuna ukudlala kodwa angikwazi ukumnika isiqiniseko salokho. Akuyena kuphela, kukhona nabanye abadlali abahle engingeke ngikwazi ukubanika isiqiniseko sokuthi bazodlala. Ukhulume kakhulu nami nasezinkundleni zokuxhumana ekhononda ngokungadlali. Angifuni athi ngibuyile kodwa angidlaliswa futhi. Uma kuneqembu elizomdlalisa, sizokwenza isiqiniseko sokuthi uyaya khona. Yikho simdedelile waya kwiSuperSport. Ngebhadi udlala indawo eyodwa noThemba Zwane noSirino kodwa ufuna isiqiniseko sokuthi uzodlala. Kunzima. Ufuna ngiqambe amanga ngithi ngizomdlalisa? Ngeke,” kusho uMosimane.
ISundowns izoqhubeka nekhempu yayo eBotswana lapho izodlala khona neGalaxy, iqhubekele eDemocratic Republic of Congo (DRC) iyobhekana neTP Mazembe. Izobuya kuleli ngesonto lokugcina kuJulayi.