Ukhala ezimathonsi ngokulimala kabuhlungu komdlali wakhe osemncane uPitso Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns oveze ukuthi kungaphela amasonto amathathu engalithinti ibhola.
UKeletso Makgalwa (22) osanda kuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli beSundowns ngenxa yokudlala ibhola elihle, ulinyazwe emsipheni ohlanganisa isihluzu neqakala nguThamsanqa Mkhize weCape Town City emdlalweni ophele zibambene ngo 1-1 eLucas Masterpieces Moripe Stadium ngoLwesibili ebusuku. Igoli leSundowns kube yingcwenga yeshodi eshaywe ngukapteni uHlompo Kekana engaphandle kwebhokisi kanti elokulinganisa kwezikaBenni livalelwa umdlali wasemumva u-Edmilson Dove.
UMakgalwa obedlala eqenjini leSundowns eligijima kwiMultiChoice Diski Challenge kumasizini adlule ukhishwe ngohlaka sekusele imizuzu engu-15 kuphele umdlalo, okudale ukuthi uJingles angajabuli ngendlela uMkhize alufake ngayo unyawo.
“Ngiphoxekile ngokwenzekile kuKeletso. Sengihlalele ethembeni lokuthi akalimele kakhulu. Ngibona sengathi kungaba ngcono uma imithetho yomdlalo ingaguqulwa. UMkhize usebenzise ubuhlakani ngokumvimba ekutheni engakhahleli ngoba uKeletso ubesethubeni elihle lokushaya igoli. Kodwa uma esemlimaza kabuhlungu ngaleya ndlela, bekumele athole ikhadi elibomvu. Uma unikeza uMkhize ikhadi eliphuzi kuchaza ukuthi usamlindile uKeletso ukuthi abuye enkundleni. Uma uKeletso engadlali amasonto amathathu, naye uMkhize kumele abuye emasontweni amathathu,” kuchaza uPitso ekhulma nabeSupersport ngemuva komdlalo.
ISundowns izobhekena ne-Otoho d'Oyo yaseCongo emlenzeni wesibili emdlalweni weCAF Champions league lapho ezozama ukuguqula umphumela ka 2-1 abashaywa ngawo emdlalweni wokuqala.