UXOLISILE kubathandi bekhilikithi emhlabeni jikelele owayengumdlali wamaProteas namaHighveld Lions uLonwabo Tsotsobe emuva kokuthi iCricket South Africa imvale iminyaka eyisishiyagalombili engasondeli kulo mdlalo ngenxa yenkohlakalo.
UTsotsobe (33) utholwe enecala lokupheka imidlalo kanti icala lakhe lilandela elikaGulam Bodi owavalwa iminyaka engu-20 ngenxa yokupheka imidlalo ye-T20 eyayiphakathi kwamaLions namaTitans. UTsotsobe usedlale amaTest amahlanu, ama-ODI angu-61 nama-T20 angu-23 kumaProteas.
Ugcine ukudlalela amaProteas ngo-2014. Udlale ama-first class matches angu-61, amaList A Games angu-144 nama-T20 angu-77 eminyakeni engu-11 abedlala ikhilikithi kuyo.
Ugcine ukudlala imidlalo yakhe ekhaya ngo-2015 kanti ubekleliswe endaweni yokuqala njenge-bowler kuma-ODI nakwi-ICC rankings.
“Ngiyaxolisa kubathandi bekhilithi emhlabeni jikelele ngengakwenza. Ngaleso sikhathi ngangisesimweni esibi kwezezimali, kwaba lula ukuthi abantu bangishintshe ingqondo bese ngipheka imidlalo. Ngiyazisola kakhulu, ngiyathemba abantu bazongixolela,” kusho uTsotsobe.
Uvume icala elilodwa lokupheka imidlalo, amabili enkohlakalo, amabili okungalandeli umthetho ophethe abadlali bekhilikithi, amathathu okungabambisani nabaphenyi namabili okuphazamisa uphenyo nokufihla ubufakazi.
“UTsotsobe uwavume wonke amaphutha akhe okungalandeli umthetho nawenkohlakalo. Yize ungekho umdlalo owagcina uphekiwe kodwa kuyacaca ukuthi izinhlelo zokupheka imidlalo zazenziwe futhi naye esehehiwe ukuthi enze lokhu. Yingakho sikhethe ukumvimba ukuthi aqhubeke nokuba semdlalweni wekhilithi,” kusho isikhulu esiphezulu se-CSA, uMnuz Haroon Lorgat.
UTsotsobe ngumdlali wesithupha ukutholwa enecala lokupheka imidlalo nenkohlahlakalo, ulandela uJean Symes, Ethy Mbhalati, Pumelela Matshikwe, Thami Tsolekile no-Alviro Petersen bonke abagwetshwe kule minyaka engu-12 edlule. Uphenyo lwe-CSA beluphethwe ngamaphoyisa, oKlebe namaphenyi abazimele.
“Uphenyo beluphethwe ngabantu abanamava kwezokuphenya kanti ngiyajabula ngemiphumela yalo. Kumele siyibuyise imali okwakugwazwa ngayo neminye imininingwane eholela ekuphekweni kwemidlalo ukuze sivale lolu daba,” kusho uSihlalo ozimele we-CSA Anti Corruption Union owayenguMengameli wamaJaji eGauteng, uBernard Ngoepe.