OWUQWEQWE lomhlaziyi webhola kuSABC, uChristopher Bongo, uphonsela inselelo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ngokuthi akayeke “ubugwala” aqoke iphini lomqeqeshi onamava ozokwazi ukumcebisa ngamacebo aphusile azomsiza ekuholeni leli qembu ngempumelelo.
UKomphela uye ekhefini likaKhisimusi isibindi sithe gidi emva kokuba ezakhe zivuke emaqandeni zanqoba imidlalo emibili yeligi ilandelana zishaya iPolokwane City ngo 3-2 neLamontville Golden Arrows ngo 2-0.
Ukunqoba kwaMakhosi imidlalo emibili kuwakhweze endaweni yesine ku-log ye-Absa Premiership nokumanje asehlukaniswe ngamaphuzu amane kuphela neSupersport United esahlezi phezulu ku-log.
“USteve ungumqeqeshi ophokophelele impumelelo kwezokuqeqesha futhi ozimiselayo emsebenzini wakhe naphezu kwenselelo abhekene nayo eqenjini aliqeqeshayo njengamanje iKaizer Chiefs.
“Eqinisweni nje eliphelele, akubanga yisinqumo esiphusile ukuqoka kwakhe uJohn Paintsil ongenamava ekuqeqesheni njengephini lakhe eqenjini elikhulu njengeChiefs. Ngemuva kokuyeka kukaDoctor Khumalo njengephini lakhe bekufanele azame ukuthola omunye umqeqeshi onamava ozokwazi ukumcebisa ngamacebo aphusile,” kusho uBongo.
“Akukhona ukuthi ngimbukela phansi uPaintsil kodwa iqiniso wukuthi akakabi nawo amava ekuqeqesheni, ngakho uSteve ubemdinga umqeqeshi onamava njengoKhumalo.
Noma singasazi isizathu okuyisona ngempela esiholele ekutheni uKhumalo ayeke ukuba yiphini likaKomphela kodwa mina kuyangicacela ukuthi uKomphela akalifuni iphini lomqeqeshi elizomnika inselelo ezinqumweni nasemaqhingeni awasebenzisayo.”
UBongo wayengumgadli eqenjini lesizwe laseRepublic of The Congo (Brazzaville) eminyakeni edlule.
“Kufanele uKomphela ayeke ubugwala abonele kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, owathatha isinqumo sokuqoka umqeqeshi onamava njengoManqoba Mngqithi. UMngqithi ngokwakhe ungumqeqeshi ophelele okwaziyo ukuzimela kodwa uMosimane wakhetha ukusebenzisana naye ngoba esibona isidingo sokusebenzisana nendoda ezokwazi ukumcebisa ngamasu aphusile. Buka ukuthi iSundowns ikuphi manje ngaphansi kobuholi bukaMosimane noMngqithi,” kuqhuba uBongo.
UPaintsil, ozakhele igama eseyisiqongqwane sasemuva eqenjini lesizwe laseGhana nasemaqenjini ase-England okubalwa kuwo iWest Ham United neLeicester City, udlale amasizini amabili kuMaritzburg United
ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho ngasekupheleni kwesizini edlule.
Ezinye izinkakha zaMakhosi, okubalwa kuzo uPollen Ndlanya, zashaya amakhala “ngokuqheliswa” kukaKhumalo wuKomphela ngaphambi kokuqala kwale sizini, zichaza lokhu njengokuzimbela igodi kwalo mqeqeshi.
Yize uKhumalo ayichitha eyokungahoshelani kwakhe noKomphela njengesizathu sokushenxa kwakhe kwesokuba yiphini lomqeqeshi kuChiefs engxoxweni aba nayo neThe Star ngoJulayi kodwa umthombo waleli phephandaba elinguzakwabo weSolezwe, wakuveza ukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi kukaKhumalo noKomphela yikho kanye okwaholela ekutheni (uKhumalo) ashenxe abuyele ekusebenzeni nabadlali abasakhuliswa kuleli qembu laseNaturena.
Ngaphambi kokuthatha kwakhe izintambo zokuqeqesha kuChiefs, uKomphela wayehlongoza uMandla Ncikazi ayesebenze naye ngempumelelo kuMaritzburg United kumasizi edlule, njengokunguyena ayefuna ukusebenza naye kuMakhosi. Nokho kuvela ukuthi wehluleka ukudonsela lo mqeqeshi eNaturena njengoba akhetha ukubuyela kuLamontville Golden Arrows lapho eyiphini likaClinton Larsen. UNcikazi wayeyiphini likaManqoba Mngqithi ku-Arrows isikhathi eside ngaphambi kokuya kuMaritzburg.