‘NGINETHEMBA kumbe isifiso sokuthi lokhu kuhlabana kuzokhuthaza kuphinde kube isibuko kubona bonke abantu besifazane baseNingizimu Afrika abaphupha ngokuba ngabadlali bebhola elikhokhelayo.'
Lawa ngamazwi egugu leNingizimu Afrika, uThembi Kgatlana, obhebhezelise ifulegi lakuleli eDakar, eSenegal, ngesikhathi egoduka nemiklomelo emibili emikhulu kumaCAF Awards ngoLwesibili ebusuku.
Ngenxa yalokhu kuhlabana kukaKgatlana oqokwe njengeCAF Woman’s Player of the Year waphinde wadla oweCAF Goal of the Year, obekuphelezelwa ukuthi umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ahlabane ngeCAF Coach of the Year, abathandi bebhola kuleli abawuvali umlomo ngendlela abazigqaja ngayo ngalaba ababili.
Akuzange kwethuse nokho ukuhlabana kwalaba ababili ngoba iBanyana ibe nonyaka omuhle kakhulu ngo-2018 kwazise izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance nonyaka.
Kulokhu kuhlabana kweBanyana ngo-2018, uKgatlana ubelokhu eyihole njalo njengesibani, eshaya amagoli amqoka ehambisana nezingcwenga njengoba enye yazo iqokwe njengevelele izwekazi lonke.
Ngaphandle kwalokhu, uKgatlana odlalela iHouston Dash yase-United States of America (USA), uyena futhi obaqwaqwade bonke emakhanda ngokuhlohla amagoli kwi-AWCON ngamahlanu.
Inguzunga yeshodi uKgatlana ayishaye kuwona lo mqhudelwano we-AWCON benqoba ngo 1-0 kwiNigeria, iyona egcine iqokwe yaba evelele emagolini.
ITeam of the Year ewinwe yiNigeria kanti unozinti weMamelodi Sundowns wase-Uganda, uDenis Onyango, uqokwe okwesithathu kulandelana ukuba unozinti obehlula bonke e-Afrika. Uqokelwe eqenjini lekhethelo labadlali base-Afrika.
Kujatshulelwe kakhulu lokhu kuhlabana kukaKgatlana no-Ellis kangangokuthi abathandi bebhola baze balala ebusuku kakhulu ngoLwesibili bebhala ngendlela abajabule ngayo.
ULebo Mathabethe ubhale kuTwitter wathi: @lebzatop, uKgatlana no-Ellis bayabakhombisa ukuthi thina singobani! Bakhombisa iBafana Bafana ukuthi kufanele yenzenjani. UCoach Dukes ku@produkes uthe, ngeke umgcine esobishini umuntu wesifazane omnene #coachoftheyear.
U@LesetjaMo uthe: Kubafanele bobabili oDesiree noThembi lokhu kuhlabana. Uvale ngombuzo ewubhekise kwiSafa ukuthi ngabe isimnikile yini lo msebenzi * -Ellis ngokugcwele? U@Mabande_Basco uthe, uyambongela * -Ellis nenkakha yakusasa uKgatlana.