USEZIQALILE izinhlelo zesizini entsha umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ezakhe esezidlalela ukuqedela isizini.
NgoMgqibelo iBlack Leopards ikuqinisekisile ukuthi iChiefs ngeke isasiwina isicoco se-Absa Premiership emuva kokuthi idlale nayo ngokulingana ngo 1-1 koweligi. Isipikili sokugcina sishayelwe yi-Orlando Pirates ihlula iFree State Stars ngo 2-1.
Amakhosi asendaweni yesikhombisa ngamaphuzu awu-37. Uma eyiwina yomine imidlalo esele azogcina ku-49. Ngakolunye uhlangothi iPirates, evule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni, isivele ina-50.
UMiddendorp uthe bafuna izinduku ezintsha zesizini ezayo.
“Izingxoxo ziyaqhubeka ngasese ngokufanele kwenziwe ukwenza iqembu libe ngcono ngesizini ezayo. Sidinga abadlali okungenani abathathu esikwatini sethu. Aziziningi izinguquko. Ngicabanga ukuthi abanye bakahle ukuthi singakwazi ukwakha iqembu eliqinile,” kusho uMiddendorp.
Esikimini esidlale neLeopards, uMiddendorp wenze izinguquko eziyisikhombisa kwelihlulwe yiBaroka. Lokho kucacisa ngokusobala ukuthi usefuna abadlali azothembela kubo.
Kubadlali okungenzeka basayiniswe yiChiefs owasemuva kwesokunxele esidlalwa nguSiphosethu Ntiyantiya kuphela. Ekuqaleni kwesizini iChiefs isayinise uLethlohonolo Mirwa kodwa usephenduke umdlali weqembu leMultichoice Diski Challenge (MDC) futhi kulindeleke ukuthi adedelwe ekupheleni kwesizini.
Omunye kube nguGodfrey Walusimbi wase-Uganda oxoshwe maphakathi nesizini ngenxa yokungagculisi kwezinga lakhe.
Emidlalweni emine esalele iChiefs ngaphambi kokuphela kwesizini, izobhekana neLamontville Golden Arrows, Bloemfontein Celtic, Free State Stars neChippa United. NgoMgqibelo izovakashela iChilli Boys kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eBhayi.
“Ngesikhathi ngifika ngoDisemba bekufanele ngibheke esingakwenza. Besingekho kahle isikhathi sokuqeqesha iqembu ngoba imidlalo kade ithothene. Okwamanje wukwenza okusemandleni ethu kuze kuphele isizini. Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Sizodlala neChippa ePort Elizabeth. Sibheke kuwona ngakho konke,” kusho uMiddendorp.
Komunye umdlalo weNedbank Cup kuzobhekana iGolden Arrows neTS Galaxy ngawo uMgqibelo.