AKAMILE ekushintshashintsheni abadlali umqeqeshi weKaizer Chiefs njengoba eveze ukuthi kungenzeka ashaye ngeqembu elihlukile emdlalweni wanamuhla weCAF Confederation Cup.
IChiefs izobhekana neZimamoto yaseZanzibar ekuhambeni ngo-3 ntambama emdlalweni womlenze wesibili esigabeni sokuqala sokuhlungela amaqoqo.
Ngesonto eledlule iwine ngo 4-0 kuleli qembu ePort Elizabeth. Esikwatini wenza izinguquko, okuhlanganisa nasodongeni emuva, lapho eshiye ngaphandle uSiyabonga Ngezana noMario Booysen, wafaka u-Eric Mathoho noTeenage Hadebe. Lapha ubegabha uNgezana noBooysen abangazange babe nomdlalo omuhle behlulwa yi-Orlando Pirates emdlalweni weTelkon Knockout.
Uqhubekile nale nhlanganisela kaMathoho noHadebe maphakathi emuva ngempelasonto behlulwa yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 kwi-Absa Premiership. Laba badlali baphenyeke izinqe ngokungabi nalo ijubane lokumelana nabadlali abasheshayo.
Ebuzwa uSolinas ukuthi ngabe usazobashintsha abadlali emdlalweni weZimamoto, uthe: “Yebo, sesidlale imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisikhombisa. Akusikhona nje ngenxa yomdlalo kodwa siyabadinga abadlali abayimiqemane ngenxa yohambo. Sisuke eGoli saya eBhayi. Sasuka khona seza lapha eThekwini njengoba manje siphindela eGoli bese siya eZanzibar (izolo). Awukwazi ukubophela abadlali ababodwa esikhathini esifushane kangaka.”
Yize kuyiqiniso ukuthi abadlali bayadinga ukuphunyuzwa ngenxa yokucinana kwemidlalo kodwa kufanele wukuthi abalandeli baMakhosi bangakwamukela kangcono lokhu uma ngabe kuhambisana nemiphumela egculisayo.
Kuyimanje iqembu labo lihleli endaweni yesikhombisa kwi-log, lisawine imidlalo emine kwewu-14, lahlulwa kwelinganayo lase lidlala eyisithupha ngokulingana.
Ukunqoba kwiZimamoto yize kungajabulisa kodwa kuza nezinkinga ngoba kuchaza ukudlulela esigabeni esilandelayo sokuhlungela amaqoqo okuza nokwanda kwemidlalo kuleli qembu likaSolinas. Kusobala ukuthi namanje usazama inhlanganisela yabadlali ezomnikeza imiphumela egculisayo kwiligi nasemidlalweni yomkhumulajezi.
Ngemuva komdlalo wanamuhla, iChiefs izodlala neSuperSport United kwiligi ngoDisemba 12.