ISICOCO seligi yisona esiduma ekhanda kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, yize ehlalelwe wumqansa wokubophela iMaritzburg United itulo lokuyikhahlelela ngaphandle kweNedbank Cup bebhekene eMphithi ngeSonto.
UMosimane, osedinga amaphuzu amane kuphela ngaphambi kokuthi avalele ekhabetheni isicoco seligi sesishiyagalombili seSundowns, ubhoboke ngobumqoka beligi kwaze kwagcina sekucaca ukuthi iNedbank akuyona into agxile kangako kuyona.
Uthe: “Iligi iyona eduma ekhanda kimina. INedbank ifunwa abalandeli. Siyabathanda futhi sizimisele ngokubajabulisa njalo ngoba nabo bahlale benathi njalo kodwa akekho ongazi ukuthi iligi iyona emqoka ukudlula zonke ezinye izicoco.”
Akungatshazwa ukuthi le nkulumo ngeke yehle kahle kubalandeli beSundowns abakholwa wukuthi iqembu labo linawo amava nezinsiza zokuqoqa zonke izicoco ezikhona ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) nangaphandle kwezwe kweyeCAF.
Nakuba ebejabule kodwa uMosimane akazange akufihle ukuthi unenkinga yokuhlelela iMaritzburg ngoba akekho ongasho ukuthi idlala kanjani. Uvumile futhi ukuthi inhliziyo ibicishe ime kwezinye izikhathi uma isihlasela ngasekugcineni iLamontville Golden Arrows abayishaye ngo 1-0.
“Siwuqedile owanamuhla umsebenzi (esho i-Arrows) kodwa bekunzima impela ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Ungezwa umuntu ekutshela okunye iyadlala i-Arrows uma ithandile. Sithwale kanzima impela esiwombeni sesibili kodwa kwezinye izindawo siyithwalise kanzima.
"Kuzobe kuhluke kakhulu-ke nokho okweMaritzburg ngoba kunzima ukuqagula ukuthi badlala ngayiphi indlela. Kwesinye isikhathi badlala ngaphandle komgadli kodwa futhi uthi usanake lokho ubabone sebenaye. Konke lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi useqophelweni eliphezulu kangakanani uFadlu (Davids),” kusho uMosimane.
Uzophinda nayo futhi iMaritzburg eHarry Gwala Stadium koweligi maphakathi nesonto elizayo.
ISundowns inqobe ngo 1-0 okube yiphenathi ethathwe nguRicardo Nascimento maphakathi nesiwombe sokuqala okuvule igebe labuyela emaphuzwini ayisithupha phakathi kwabo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili.