UZOTHOLA ithuba eliyingqayizivele lokusebenza nenkakha yakudala ye-Arsenal, yase-Englanda neFrance, uThierry Henry, umgadli osemncane we-Orlando Pirates uLyle Foster.
Lo mgadli oneminyaka ewu-18 usejoyine i-AS Monaco edlala kwiFrench League 1, eFrance. Leli qembu liqeqeshwa nguHenry angangatshazwa amagalelo akhe ebholeni lomhlaba.
Ngokwemibiko uFoster usayine inkontileka yeminyaka emine nohhafu nokumnika ithuba elikahle lokuzinza phesheya kwezilwandle.
UFoster ushaya into ecokeme uma ebizelwe eqinjini lesizwe lika-Under 20, Amajita, njengoba eselishayele amagoli ayisithupha. KwiCosafa Under 20 Championship uqede njengomshayi magoli ohamba phambili ngonyaka odlule. NakwiBafana Bafana useke wadlala ngesikhathi igijima kwiCosafa Cup.
Ungumdlali omncane kunabo bonke ukusuka kwiPirates ayojoyina iqembu elidlala kwenye yamaligi amakhulu phesheya kwezilwandle (e-Europe).
IBucs iqinisekise kuTwitter wayo ukuthi uFoster usezodlalela iMonaco. Emethula usihlalo wePirates * -Irvin Khoza ngesizini edlule (2017/2018) wathi lo mfana uphuma enkulisa yeqembu. KwiPirates udlale imidlalo eyisishiyagalolunye washaya igoli elilodwa. Bebemsebenzisa kakhulu eqenjini labo leMultichoice Diski Challenge (MDC) lapho bekucaca khona ukuthi akanantanga.
Khonamanjalo uMpho Matsi weCape Town City uzoqedela isizini ye-Absa Premiership ka-2018/2019 kwiMaritzburg United lapho ebolekiswe khona. Ukuya kukaMatsi kwiMaritzburg kuchaza ukuthi uzophinde ahlangane nomqeqeshi wakhe omdala uMuhsin Ertugral osanda kuqashwa yiTeam of Choice.
U-Ertugral, ozosizwa uMabhudi Khanyeza njengempini, uke wasebenza noMatsi phambilini kwiMpumalanga Black Aces. UMatsi ukuthole kunzima ukuthola ijezi ngaphansi komqeqeshi uBenni McCarthy okholelwa kakhulu kuRoland Putsche, Thabo Nodada, Teko Modise noShane Roberts okungabadlali abalithola njalo ijezi.